Itende lokuhlangana
1Yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.
2Kwasala phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli izizwe eziyisikhombisa ezingakabelwa ifa lazo.
3UJoshuwa wathi kubantwana bakwaIsrayeli: Niyakuyekethisa kuze kubenini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aniniké lona na?
4Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi.
5Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu, indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.
6Anoloba izwe kube-yizabelo eziyisikhombisa, nikulethe lapha kimi, nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.
7Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.
8Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: Sukani nihambe ezweni, nililobe, nibuyele kimi, nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.
9Ayesehamba amadoda, adabula izwe, aliloba ngemizi, kwaba-yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu* laseShilo.
10UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwaIsrayeli izwe njengezabelo zalo.
Isabelo sakwaBenjamini
11Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.
12Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti-Aveni.
13Umkhawulo wasuka lapho, waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela eAtharoti-Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti-Horoni laseNzansi.
14Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti-Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati-Bali eliyiKiriyati-Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.
15Uhlangothi lwaseningizimu lwasuka ekupheleni kweKiriyati-Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa;
16umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni-Rogeli;
17wasuka enyakatho, waphuma e-Eni-Shemeshi, waya eGeliloti elibhekene nommango waseAdumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
18wadlula waya eceleni elibhekene neAraba ngasenyakatho, wehlela eAraba;
19umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti-Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle lukaSawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.
20IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.
21Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti-Hogila, ne-Emeki-Kesisi,
22neBeti-Araba, neSemarayimi, neBethele,
23neAvimi, nePhara, neOfira,
24neKefari-Amoni, neOfini, neGeba, imizi iyishumi nambili nemizana yayo;
25iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,
26neMispa, neKefira, neMosa,
27neRekemi, neIripeyeli, neTarala,
28neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.