Usuku lukaJehova
1Bethani icilongo eSiyoni,
nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele;
mabathuthumele bonke abakhé ezweni,
ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;
2usuku lobumnyama nolwesigayegaye,
usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,
njengokusa kwenekwé ezintabeni,
abantu abaningi abanamandla
abangazange babe-ngabanjalo kwasendulo,
nabangasoze baba-ngabanjalo emva kwabo
kuze kube-naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.
3Phambi kwabo kuyadla umlilo,
nasemva kwabo kushisa ilangabi;
izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene,
nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo,
akukho okubabalekelayo.
4Isimo sabo sinjengesimo samahashi,
bagijima njengabamahashi.
5Bangqabashiya ngomsindo wezinqola
eziqongweni zezintaba,
njengokuchochoza kwelangabi lomlilo elidla amabibi
nanjengabantu abanamandla, abahlelelwe ukulwa.
6Phambi kwabo abantu bayathuthumela,
bonke ubuso buyaphaphatheka.
7Bagijima njengamaqhawe,
bakhwela ezingangeni njengamadoda empi;
bahamba, kube-yilowo nalowo ngendlela yakhe,
abaphambanisi izindlela zabo.
8Abahlohlolozani omunye nomunye;
bahamba, kube-yilowo nalowo ngendlela yakhe;
baziphonsa phakathi kwezikhali, abakhawuli.
9Batheleka emzini,
bagijima ogangeni;
bakhuphukela ezindlini,
bangena ngamafasitele njengesela.
10Umhlaba uyazamazama phambi kwabo,
amazulu ayathuthumela;
ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama,
nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.
11UJehova uzwakalisa izwi lakhe
phambi kwempi yakhe,
ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu,
nowenza izwi lakhe unamandla;
yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu;
ngubani ongaluthwala na?
12Kepha manje, usho uJehova,
phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,
nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila,
13niklebhule inhliziyo yenu, hayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa, unobumnene,
wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.
14Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele,
ashiye isibusiso emva kwakhe,
kube-ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa
kuJehova uNkulunkulu wenu, na?
15Bethani icilongo eSiyoni,
ningcwelise ukuzila ukudla,
nibize umhlangano;
16buthani abantu, ningcwelise ibandla,
niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo;
umyeni makaphume ekamelweni lakhe,
nomakoti emgonqweni wakhe.
17Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme nealtare, bathi:
Hawukela abantu bakho, Jehova,
unganikeli isabelo sakho sibe-yinhlamba,
ukuze abezizwe bababhinqe;
yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi:
Uphi uNkulunkulu wabo na?
18UJehova wayesehawukela izwe lakhe,
wabahawukela abantu bakhe.
19UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe:
Bhekani, ngiyakunithumela
amabele, newayini, namafutha,
nisuthe ngakho,
ngingabe ngisanenza
inhlamba phakathi kwabezizwe.
20Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho,
ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo,
ubuso bakhe bube-ngaselwandle lwasempumalanga,
umuva wakhe ube-ngaselwandle lwasentshonalanga,
kukhuphuke ukunuka kwakhe,
kwenyuke iphunga lakhe elibi;
ngokuba wenzile izinto ezinkulu.
21Ungesabi, lizwe;
jabula, uthokoze,
ngokuba uJehova wenzile izinto ezinkulu.
22Ningesabi, zilwane zasendle,
ngokuba amadlelo asehlane ayahluma,
nemithi ithela izithelo,
umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.
23Jabulani, bantwana baseSiyoni,
nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga,
unehlisela imvula,
eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.
24Izibuya ziyakugcwala amabele,
nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.
25Ngiyakubuyisela kini iminyaka
eyadliwa yisikhonyane,
nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,
impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.
26Niyakudla nokudla, nisuthe,
nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu
oniphathé ngokumangalisayo;
abantu bami abayikujabha kuze kube-phakade.
27Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kukaIsrayeli
nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akakho omunye;
abantu bami abayikujabha kuze kube-phakade.
28Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;
amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,
abadala benu baphuphe amaphupho,
izinsizwa zenu zibone imibono;
29naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezozinsuku
ngiyakuthulula uMoya wami.
30Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni,
igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.
31Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,
inyanga ibe-yigazi,
lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.
32Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova
bakhululwe,
ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema
kuyakuba-ngabasindileyo,
njengalokho eshilo uJehova,
naphakathi kwabaseleyo kube-ngababizwa nguJehova.