UElihu uthi: UNkulunkulu umelwe ukufunwa ngokuthobeka
1UElihu wathatha wathi:
2Usho uthi lokhu kulungile na?
Uthi: Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,
3njengokuba uthi: Kungisiza ngani?
nokuthi: Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza, uma ngonile, na?
4Ngizakukuphendula mina ngamazwi,
wena nabangane bakho.
5Bheka ngasezulwini, ubone,
uqaphele amafu aphakeme kunawe.
6Uma wona, wenzani kuye na?
Uma iziphambeko zakho ziziningi, wenzani kuyena na?
7Uma ulungile, umnikani yena,
noma amukelani esandleni sakho na?
8Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe,
nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.
9Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo;
bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.
10Kepha akakho othi: Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami,
ozwakalisa amahubo ebusuku,
11osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba,
asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.
12Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi,
kepha akaphenduli.
13Impela uNkulunkulu akezwa okuyize,
uSomandla akayikukunakekela;
14kakhulu kangakanani, lapho uthi awumboni
nokuthi, noma icala liphambi kwakhe, usamhlalela, na?
15Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi,
anganaki kakhulu iziphambeko,
16uJobe uvulela ize umlomo wakhe;
uyandisa amazwi engenalwazi.