UJobe ukhala ngokuphathwa kwakhe kalukhuni
1Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami;
ngiyazinikela ekukhaleni,
ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.
2Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: Ungangilahli;
ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?
3Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele,
ulahle umsebenzi wezandla zakho,
ukhanye phezu kwamasu ababi, na?
4Amehlo enyama unawo na?
Uyabona njengabantu na?
5Imihla yakho injengemihla yomuntu na?
Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?
6lokhu ufuna ukona kimi,
ufunisisa isono sami,
7noma ukwazi ukuthi angimubi
nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.
8Izandla zakho zingibumbile, zangenza
ngokupheleleyo nxazonke; nokho uyangichitha.
9Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba;
pho, uyakungibuyisela othulini na?
10Awungithululanga njengobisi,
wangijiyisa njengoshizi*, na?
11Awungembathisanga isikhumba nenyama,
wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?
12Ungenzele ukuphila nomusa;
ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.
13Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu;
ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:
14Uma ngona, uyangiqaphela;
awuyikuthethelela ukona kwami.
15Uma nginecala, maye kimi!
Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami,
lokhu ngisuthi ngehlazo,
ngibona ukuhlupheka kwami.
16Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama,
ubuye uzenze omangalisayo kimi.
17Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha,
wandise intukuthelo yakho kimi,
amabandla ngamabandla angisukele.
18Ungikhipheleni esizalweni na?
Ngangiyakugqibuka lingakangiboniso,
19ngibe-njengokungathi ngingekho,
ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.
20Imihla yami ayiyingcosana na?
Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,
21ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona,
izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,
22izwe lobumnyama obunjengesigayegaye nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi,
lapho ukukhanya kunjengobumnyama.