UJesu uvula amehlo omuntu owayezelwe eyimpumputhe
1Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.
2Abafundi bakhe bambuza bathi: Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?
3UJesu waphendula wathi: Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.
4Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze-muntu.
5Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.
6Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka.
7Wathi kuyo: Hamba uyogeza echibini laseSilowama okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.
8Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: Akusiye lo owayehlezi enxiba na?
9Abanye bathi: Nguyena; abanye bathi: Qha, kepha ufana naye; yena wathi: Nginguye.
10Base bethi kuye: Pho, amehlo akho avulwé kanjani na?
11Waphendula yena, wathi: Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: Yana eSilowama, ugeze. Ngaya, ngageza, ngabona.
12Bathi kuye: Uphi yena na? Wathi: Angazi.
13Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe.
14Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe.
15Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukutholé kanjani ukubona. Wathi kubo: Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.
16Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na? Kwaba-khona ukwahlukana phakathi kwabo.
17Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: Wena uthini ngaye, lokhu evulé amehlo akho, na? Yathi: Ungumprofethi.
18Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usetholé ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osetholé ukubona.
19Bababuza bathi: Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?
20Abazali bakhe base bephendula bethi: Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe;
21kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovulé amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.
22Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni*.
23Ngakho-ke abazali bakhe bathi: Usekhulile, mbuzeni yena.
24Bambiza-ke ngokwesibili lowomuntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowomuntu uyisoni.
25Yena wayesephendula ethi: Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.
26Bathi-ke kuye: Wenzeni kuwe na? Uwavulé kanjani amehlo akho na?
27Wabaphendula wathi: Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba-ngabafundi bakhe na?
28Bamthuka bathi: Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose.
29Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.
30Waphendula lowomuntu, wathi kubo: Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvulé amehlo ami.
31Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.
32Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.
33Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza-lutho.
34Baphendula, bathi kuye: Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena usifundisa thina na? Base bemkhiphela phandle.
35UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle; kwathi emfumana, wathi: Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?
36Waphendula yena, wathi: Ingubani, Nkosi, ngize ngikholwe yiyo, na?
37UJesu wathi kuye: Usuyibonile; okhuluma nawe yiyona.
38Wayesethi: Ngiyakholwa, Nkosi. Wakhuleka kuye.
39Wathi uJesu: Mina ngizele ukwahlulela kulelizwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe-yizimpumputhe.
40Labo kubaFarisi ababenaye bezwa lokho, bathi kuye: Pho, nathi siyizimpumputhe na?
41Wathi kubo uJesu: Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: Siyabona; isono senu sihlezi.