UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu
1Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.
2Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.
3UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe.
4Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.
5Kuthé uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?
6Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.
7UFiliphu wamphendula wathi: Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube-yilowo nalowo athole ingcosana.
8Omunye wabafundi bakhe, uAndreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:
9Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?
10UJesu wathi: Bahlaliseni abantu. Kwakukhona utshani obuningi kuleyondawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.
11UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.
12Kuthé sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki-lutho.
13Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili ngemvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali* eyasala kwabadlileyo.
14Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: Impela lo umgumProfethi ozayo ezweni.
15Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.
UJesu uhamba phezu kolwandle
16Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle,
17bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo.
18Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle.
19Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka.
20Kepha wathi kubo: Yimina, ningesabi.
21Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.
Isinkwa sokuphila
22Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona, sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe, kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa,
23kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;
24isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.
25Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: Rabi, ufiké nini lapha na?
26UJesu wabaphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha.
27Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube-ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.
28Bathi-ke kuye: Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?
29Waphendula uJesu, wathi kubo: Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.
30Ngakho bathi kuye: Pho, wenzasibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na?
31Okhokho bethu badla imana* ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.
32UJesu wayesethi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.
33Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.
34Khona bathi kuye: Nkosi, siphe njalonjalo lesosinkwa.
35UJesu wathi kubo: Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.
36Kepha ngithé kini: Ningibonile, nokho anikholwa.
37Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.
38Ngokuba ngehlé ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.
39Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphé khona ngingalahlekelwa-lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela.
40Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe-nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.
41Khona abaJuda bakhonona ngaye, ngokuba ethé: Ngiyisinkwa esehlé ezulwini.
42Bathi-ke: Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: Ngehlé ezulwini, na?
43UJesu waphendula, wathi kubo: Ningakhononi phakathi kwenu.
44Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.
45Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Bonke bayakuba-ngabafundiswé nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.
46Akusikho ukuthi ukhona oké wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba.
47Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.
48Mina ngiyisinkwa sokuphila.
49Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa.
50Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi.
51Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.
52Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?
53Khona uJesu wathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu.
54Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.
55Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.
56Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.
57Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.
58Lesi siyisinkwa esehlé ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana*, bafa; osidlayo lesisinkwa uyakuphila phakade.
59Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.
60Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: Lilukhuni lelizwi; ngubani ongalizwa na?
61Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: Lokhu kuyanicunula na?
62Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?
63NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi-lutho; amazwi engiwakhulumé kini angumoya, angukuphila.
64Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.
65Wayesethi: Kungenxa yalokho ngithé kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.
Isivumo sikaPetru
66Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.
67Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: Nani nithanda ukumuka na?
68USimoni Petru wamphendula wathi: Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.
69Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.
70UJesu wabaphendula wathi: Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.
71Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.