Ukungcoliswa kwethempeli
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
2Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho lelizwi, uthi: Zwanini izwi likaJehova nina nonke-bakwaJuda eningena ngalawamasango ukukhuleka kuJehova.
3Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kulendawo.
4Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.
5Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe,
6uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kulendawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,
7ngiyakunakhisa kulendawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube-phakade.
8Bhekani, niyethemba emazwini amanga angenakusiza.
9Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,
10besenifika nime ngaphambi kwami kulendlu ebizwé ngegama lami, nithi: Sophuliwe — nize nenze zonke lezizinengiso, na?
11Lendlu ebizwé ngegama lami isiphenduké umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.
12Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami uIsrayeli.
13Manje ngokuba niyenzile yonke lemisebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga,
14ngiyakwenza kulendlu ebizwé ngegama lami nenithemba kuyo, nakulendawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo.
15Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwaEfrayimi.
16Wena-ke ungakhulekeli lababantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa.
17Awuboni ukuthi benzani emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema na?
18Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule.
19Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova; akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?
20Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kulendawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.
21Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli: Thasiselani iminikelo yenu yokushiswa emihlatshelweni yenu, nidle inyama.
22Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe,
23kepha ngabayala kuphela lento yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba-nguNkulunkulu wenu, nina nibe-ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube-kuhle kini.
24Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.
25Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kubenamuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo.
26Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza-lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.
27Uyakukhuluma onke lawomazwi kubo, kepha abayikukulalela; uyakubabiza, kepha abayikukuphendula.
28Uyakuthi kubo: Yilesisizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso.
29Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.
30Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwé ngegama lami zokuba bayingcolise.
31Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.
32Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, elingasayikubizwa ngazo ngokuthi iThofeti nesigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi sokuBulala, ngokuba bayakumbela eThofeti, lokhu ingekho enye indawo.
33Izidumbu zalababantu ziyakubangukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.
34Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakubayincithakalo.