1Usho kanje uJehova, uthi:
Ngiyakuvusela iBabele nabakhileyo eLebi-Khamayi
umoya womchithi.
2Ngiyakuthuma abelayo eBabele,
balele, balithulule,
ngokuba ngosuku lobubi bayakubakulo nxazonke.
3Ocibishelayo uyakunsala umnsalo kogoba umnsalo khona,
nakuye oziphakamisa ngebhantshi lakhe lensimbi;
ningasindisi izinsizwa zalo,
niqede nya impi yalo yonke.
4Bayakuwa bebulewe ezweni lamaKaledi,
begwaziwe ezitaladini zalo.
5Ngokuba oIsrayeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova-Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele kaIsrayeli.
6Balekani eBabele, yilowo nalowo akhulule ukuphila kwakhe,
ninganqunywa ngokona kwalo,
ngokuba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova,
uyakuliphindisela.
7IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova
eyadakisa umhlaba wonke;
izizwe zaliphuza iwayini lalo,
ngalokho izizwe ziyahlanya.
8IBabele seliwile ngokuzumayo, lachithwa;
hewulani ngalo, nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu*;
mhlawumbe lingaphiliswa.
9Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga;
lishiyeni, masihambe siye, kube-yilowo nalowo ezweni lakubo,
ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini,
kuphakanyisiwe nasemafwini.
10UJehova uvezile imfanelo yethu;
wozani silande eSiyoni umsebenzi kaJehova uNkulunkulu wethu.
11Lolani imicibisholo, nibambe izihlangu.
UJehova uvusile umoya wamakhosi aseMediya,
ngokuba icebo lakhe ngeBabele lingukuba alichithe,
ngokuba lokhu kuyimpindiselo kaJehova,
impindiselo ngethempeli lakhe.
12Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele,
niqinise umlindo, nimise abalindi, nihlele abaqamekeli,
ngokuba uJehova ukuhlosile, futhi wakwenza
lokho owakukhuluma kwabakhileyo eBabele.
13Wena ohlala ngasemanzini amakhulu, nonengcebo eningi,
sekufikile ukugcina kwakho, isilinganiso sokuhaha kwakho.
14UJehova-Sebawoti uzifungile wathi:
Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi,
bayakuhalalisa nokho ngawe.
15Wawenza umhlaba ngamandla akhe,
walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,
ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
16Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;
uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,
enzele imvula unyazi,
awukhiphe umoya endlini yengcebo.
17Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi,
bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,
ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,
nomoya awukho kuzo.
18Ziyize, zingumsebenzi wenkohliso;
ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
19Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,
ngokuba nguye obumbile konke,
yebo, nesizwe sefa lakhe;
nguJehova-Sebawoti igama lakhe.
20Uyizembe lami nezikhali zokulwa;
ngiyaphahlaza izizwe ngawe,
ngawe ngiyachitha imibuso,
21ngiphahlaze ngawe ihashi nenkweli yalo,
ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;
22ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane,
ngiphahlaze ngawe abadala nabasha,
ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;
23ngiphahlaze ngawe umalusi nomhlambi wakhe,
ngiphahlaze ngawe umlimi namabhangqa akhe,
ngiphahlaze ngawe izinduna nababusi.
24Ngiyakuphindisela iBabele nabo bonke abakhileyo eKalideya konke okubi kwabo abakwenzile eSiyoni emehlweni enu, usho uJehova.
25Bheka, ngimelene nawe-ntaba echithayo, usho uJehova,
wena ochitha wonke umhlaba;
ngiyakwelulela isandla sami kuwe,
ngikugingqe emadwaleni,
ngikwenze intaba eshisiweyo.
26Abayikuthatha kuwe itshe legumbi netshe lesisekelo,
ngokuba uyakuba-yincithakalo kuze kube-phakade, usho uJehova.
27Misani ibhanela* ezweni,
nibethe amacilongo phakathi kwezizwe,
ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo,
nilibizele imibuso yaseArarati, naseMini, naseAshikenaze,
nibeke phezu kwalo umphathi wempi,
nikhuphuke namahashi anjengezinkumbi ezimahaye.
28Lingcweliseleni izizwe,
amakhosi aseMediya, nezinduna zalo, nababusi balo,
nalo lonke izwe elibuswa yibo.
29Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele,
ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emi
okuba enze izwe laseBabele libeyincithakalo,
kuze kungabikho ohlala khona.
30Amaqhawe aseBabele ayekile ukulwa,
ahlala ezinqabeni zawo;
amandla awo aphelile, anjengabesifazane;
izindlu zalo zishisiwe, imigoqo yalo yaphuliwe.
31Isigijimi siyagijima, sihlangane nesinye,
umbiki uhlangana nombiki
ukutshela inkosi yaseBabele
ukuthi umuzi wayo unqotshiwe nxazonke.
32Amazibuko avinjiwe, umhlanga ushisiwe ngomlilo,
amadoda empi ayesaba.
33Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi:
Indodakazi yaseBabele injengesibuya
ngesikhathi sokunyathelwa kwaso;
kuseyisikhashana, sizakufika kuyo isikhathi sokuvuna.
34UNebukadiresari inkosi yaseBabele ungidlile
wangiqeda;
ungenzé isitsha esingenalutho,
wangigwinya njengodrako*;
ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami,
wangixosha.
35Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yami mabube-phezu kweBabele;
makasho njalo owakhileyo eSiyoni.
Igazi lami malibe-phezu kwabakhileyo eKalideya;
malisho njalo iJerusalema.
36Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:
Bheka, ngiyakumela indaba yakho,
ngikuphindisele,
ngishise ulwandle lwalo,
ngomise umthombo walo.
37IBabele liyakuba-yizinqwaba,
nendawo yokuhlala kwamakhanka,
nencithakalo, nento encimfelwayo,
kungabikho ohlala khona.
38Bayabhonga kanyekanye njengezingonyama,
bakhale njengamabhongo ezingonyama.
39Sebevuthile, ngiyakubenzela idili,
ngibadakise ukuze baquleke,
balale ubuthongo obuphakade, bangavuki, usho uJehova.
40Ngiyakubehlisela ekuhlatshweni njengamawundlu,
njengezinqama nezimpongo.
41Yeka ukunqotshwa kweSheshaki
nokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba!
Yeka ukwenziwa kweBabele
isimangaliso phakathi kwezizwe!
42Ulwandle lukhuphukele iBabele,
lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.
43Imizi yalo ichithekile;
yizwe elomileyo, nehlane,
izwe elingahlalwa-muntu,
kungadluli kulo indodana yomuntu.
44Ngiyakuhambela uBeli eBabele,
ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo;
izizwe azisayikugobhozela kuye,
ugange lwaseBabele luyakuwa.
45Phumani phakathi kwalo, bantu bami,
nizikhulule, kube-yilowo nalowo
ekufuthekeni kwentukuthelo kaJehova.
46Izinhliziyo zenu mazingadangali,
ningesabi imibiko ezwakalayo ezweni,
lapho kufika umbiko othile ngomunye umnyaka,
besekufika emva kwawo omunye ngomnyaka olandelayo,
kube-ngubudlova ezweni, umbusi avukele umbusi.
47Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,
lapho ngiyakujezisa izithombe ezibaziweyo zaseBabele,
izwe lonke lalo lijabhe,
bonke ababuleweyo balo bawe phakathi kwalo.
48Besekuqhumuka izulu nomhlaba, nakho konke okukukho,
ngokuhlabelela ngeBabele,
ngokuba abachithi bayakumfikela
bevela enyakatho, usho uJehova.
49Yebo, neBabele limelwe ukuwa, nina-babuleweyo bakwaIsrayeli,
njengalokho iBabele laliwelwa ngababuleweyo bomhlaba wonke.
50Nina eniphunyukile enkembeni
hambani, ningemi;
khumbulani uJehova nisekude,
iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.
51Sijabhile, ngokuba sizwé inhlamba;
amahloni asibekela ubuso bethu,
ngokuba abafokazi bangenile
ezindaweni ezingcwele endlini kaJehova.
52Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova,
lapho ngiyakuzihambela izithombe zalo ezibaziweyo,
ababulawayo babubule ezweni lonke lalo.
53Noma iBabele likhuphukela ezulwini,
yebo, noma liqinisa inqaba yalo enamandla,
kuyakuvela nokho kimi abachithi, balehlele,
usho uJehova.
54Ngumsindo wokukhala ovela eBabele,
nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKaledi,
55ngokuba uJehova uyalichitha iBabele,
aqede phakathi kwalo umsindo omkhulu;
amaza alo ayahlokoma njengamanzi amakhulu,
nomsindo wokuhlokoma kwawo uyezwakala,
56ngokuba umchithi uyalehlela, alehlele iBabele,
amaqhawe alo ayabanjwa,
neminsalo yawo iyaphulwa,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wemivuzo,
uyakhokha nokukhokha.
57Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo,
nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo;
bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,
isho iNkosi egama layo linguJehova-Sebawoti.
58Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi:
Ugange olubanzi lwaseBabele luyakubhidlizwa nokubhidlizwa,
namasango alo aphakemeyo ayakushiswa ngomlilo;
abantu bakhandlekela ize
nezizwe okomlilo, zikhathale.
Izwi kuSeraya
59Izwi uJeremiya umprofethi ayala ngalo uSeraya indodana kaNeriya kaMahaseya ekuhambeni kwakhe noSedekiya inkosi yakwaJuda eya eBabele ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe. USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.
60UJeremiya waloba encwadini konke okubi obekuyakwehlela iBabele, onke lawamazwi alotshiwe ngeBabele.
61UJeremiya wathi kuSeraya: Ekufikeni kwakho eBabele bhekisisa ukuba ufunde onke lawamazwi,
62uthi: Jehova, wena ukhulumile ngalendawo ukuba uyinqume ukuze kungabikho-muntu ohlala kuyo, umuntu nasilwane, ngokuba iyakuba-yihlane kuze kube-phakade.
63Kwathi lapho usuqedile ukuyifunda lencwadi, uyakubopha itshe kuyo, uyiphonse e-Ewufrathe,
64uthi: Kanjalo iBabele liyakushona, lingabe lisavuka ngenxa yokubi engiyakulehlisela khona, lidangale.
Kuphela lapha amazwi kaJeremiya.