Isiprofetho ngabakwa-Amoni
1Ngabantwana bakwa-Amoni.
Usho kanje uJehova, uthi:
UIsrayeli kanamadodana, kanandlalifa, na?
UMilkomu udleleni ifa likaGadi,
abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?
2Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova,
lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi
ngeRaba labantwana bakwa-Amoni;
liyakuba-yincithakalo,
imizi yalo ishiswe ngomlilo,
uIsrayeli abeselidla ifa lowalidla elakhe, usho uJehova.
3Hewula, Heshiboni, ngokuba iAyi lichithekile,
nikhale, madodakazi aseRaba,
nibhince izindwangu zamasaka,
nilile, nigijime phakathi kwezintango,
ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni,
abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.
4Uzidumiselani ngezigodi, isigodi sakho esichichimayo,
wena-ndodakazi ehlubukayo,
othemba engcebeni yakho ngokuthi:
Ngubani ongehlela mina, na?
5Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,
isho iNkosi uJehova-Sebawoti,
luvela kubo bonke abakuzungezayo,
nixoshwe, kube-yilowo nalowo ngendlela yakhe,
kungabikho obutha ababalekileyo.
6Kepha ngasemuva ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni, usho uJehova.
Isiprofetho ngoEdomi
7NgoEdomi.
Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi:
Akusekho ukuhlakanipha eThemani na?
Amasu aphelile kwabaqondileyo,
ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
8Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini
nina-bakhileyo eDedani,
ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi kaEsawu
ngesikhathi sokumhambela kwami.
9Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini,
abayikushiya umkhothozo;
namasela ebusuku
abeyakuchitha aze aneliswe.
10Kepha mina ngiyakumhlubula uEsawu,
ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha;
inzalo yakhe ichithekile, nabafowabo, nabakhelwane bakhe,
yena abe engasekho.
11Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa,
abafelokazi bakho bethembe kimi.
12Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba-ngongenacala na? Awuyikuba-ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
13Ngokuba ngizifungile, usho uJehova, ukuthi iBosira liyakuba-yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe-yizincithakalo eziphakade.
14Ngizwile imibiko evela kuJehova;
kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi:
Buthanani, nilihlasele, nisukele ukulwa.
15Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube-mncane phakathi kwezizwe,
udelelwe phakathi kwabantu.
16Ukwesabeka kwakho kukudukisile,
ukuziqhenya kwenhliziyo yakho,
wena ohlezi emifantwini yamawa
ubambé isiqongo sentaba;
noma wakha isidleke sakho njengokhozi,
ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.
17UEdomi uyakuba-yisimangaliso, kumangale yilowo nalowo odlula kuye, ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
18Njengasekuchithweni kweSodoma neGomora nemizi yangakhona, usho uJehova, akuyikuhlala-muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
19Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?
20Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asiniké ngoEdomi namacebo awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.
21Ngomsindo wokuwa kwabo umhlaba uyazamazama; ngukukhala okumsindo wakho uzwakele ngaseLwandle oluBomvu.
22Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwaEdomi ziyakuba-njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.
Isiprofetho ngeDamaseku
23NgeDamaseku.
IHamati neAripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi,
kuphela amandla.
Kuyahlupheka njengolwandle,
akunakuthula.
24IDamaseku selibuthakathaka,
liyaphenduka ukuba libaleke;
ingebhe ilibambile,
ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.
25Yeka ukushiywa komuzi wodumo,
umuzi wokuthokoza kwami!
26Ngalokho izinsizwa zawo ziyakuwa ezitaladini zalo,
nawo onke amadoda empi ayakuthuliswa ngalolosuku, usho uJehova-Sebawoti.
27Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,
uqede izindlu zobukhosi zikaBeni-Hadadi.
Isiprofetho ngeKedari neHasori
28NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadiresari inkosi yaseBabele.
Usho kanje uJehova, uthi:
Sukani, nikhuphukele eKedari,
nichithe abantwana basempumalanga.
29Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha,
bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo, namakamela abo,
bamemeze kubo, bathi: Luvalo nxazonke.
30Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini
nina-bakbileyo eHasori, usho uJehova,
ngokuba uNebukadiresari inkosi yaseBabele wenzé amasu ngani,
waceba amacebo ngani.
31Sukani, nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo,
esihlala ngokulondeka, usho uJehova,
esingenazicabha nemigoqo,
sakhé sodwa.
32Amakamela aso ayakuba-yimpango,
nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa.
Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke,
bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,
ngehlisele phezu kwabo izingozi ezivela nxazonke, usho uJehova.
33IHasori liyakuba-yindawo yokuhlala kwamakhanka
nencithakalo kuze kube-phakade;
akuyikuhlala-muntu khona,
nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
Isiprofetho nge-Elamu
34Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:
35Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Bheka, ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu, okokuqala kwamandla abo.
36Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyomimoya, kungabe kusabakho-sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.
37Ngiyakwenza ukuba iElamu liphele amandla ngaphambi kwezitha zalo naphambi kwabafuna ukuphila kwabo, ngibehlisele okubi, ukufutheka kwentukuthelo yami, usho uJehova, ngithume inkemba emva kwabo, ngize ngibaqede.
38Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngichithe khona inkosi nezikhulu, usho uJehova.
39Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu, usho uJehova.