UJeremiya uyancenga abaJuda eGibithe
1Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe, ababehlala eMigidoli, naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lathi:
2Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo
3ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.
4Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: Maningenzi lento enengekayo engiyizondayo.
5Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.
6Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, kwaba-yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.
7Manje usho kanje uJehova uNkulunkulu-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Nenzelani lokhu okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yenu, ninqume kini abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo phakathi kukaJuda, nize ningashiyelwa-nsali,
8ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe-yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?
9Nikhohliwe yini ububi bukayihlo, nobubi bamakhosi akwaJuda, nobubi bamakhosikazi awo, nobubi benu, nobubi bawomkenu ababebenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, na?
10Abazithobanga kuze kube-namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeké phambi kwenu naphambi kwawoyihlo.
11Ngalokho usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bheka, ngiyakubhekisa ubuso bami kini kube-kubi, kunqunywe uJuda wonke.
12Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekisé ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, baphele bonke, bawe ezweni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala, abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala, babe-yisithuko, nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.
13Ngiyakubajezisa abahlala ezweni laseGibithe, njengalokho ngilijezisile iJerusalema, ngenkemba, nangendlala, nangesifo,
14kungaphunyuki, kungasali-muntu ensalini yakwaJuda eyé ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona ukubuyela ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuba ihlale khona, ngokuba akuyikubuya-muntu, abaphunyukileyo bodwa.
15Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:
16Izwi olikhulumé kithi egameni likaJehova asiyikulilalela.
17Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu, sishisele inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, njengalokho senzile, thina nawobaba, namakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.
18Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, siswelé konke, siqedwé ngenkemba nangendlala.
19Lapho sesishisela inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, siyenzela amaqebelengwane anesithombe sayo, siyithululele iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu, na?
20UJeremiya washo kubantu bonke, kwabesilisa nakwabesifazane, kubo bonke abantu abamphendulé kanjalo, wathi:
21Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?
22UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.
23Ngokuba niyishisile impepho nangokuba nonile kuJehova, ningalilalelanga izwi likaJehova, ningahambanga ngomthetho wakhe, nangezimiso zakhe, nangobufakazi bakhe, ngalokho lengozi ihlangabezene nani njenganamuhla.
24UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane: Yizwani izwi likaJehova nina nonke-bakwaJuda enisezweni laseGibithe.
25Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu, nakugcwalisa ngezandla zenu, nathi: Siyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa. Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.
26Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke-bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu, usho uJehova, ukuthi igama lami alisayikubizwa-mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: Kuphila kukaJehova.
27Bheka, ngiyabalinda kube-kubi, kungabi-kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.
28Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengabayingcosana ngomumo; yonke insali yakwaJuda eyé ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.
29Lesi siyakuba-yisibonakaliso kini, usho uJehova, ukuthi ngiyakunijezisa kulendawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube-kubi:
30Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakunikela uFaro uHofira inkosi yaseGibithe esandleni sezitha zakhe nasesandleni sabafuna ukuphila kwakhe, njengalokho nganikela uSedekiya inkosi yakwaJuda esandleni sikaNebukadiresari inkosi yaseBabele, isitha sakhe esasifuna ukuphila kwakhe.