1Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthumé nawo kubo, onke lawamazwi,
2kwakhuluma uAzariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,
3kepha uBaruki indodana kaNeriya ukuqhathanisa nathi ukuba sinikelwe esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbele eBabele.
4UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduna zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.
5Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuyé ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda,
6abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,
7bafika ezweni laseGibithe, ngokuba babengalilaleli izwi likaJehova; bafika eThahipanesi.
8Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya eThahipanesi, lithi:
9Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu, uwashiqele odakeni kuhonela ongasemnyango wendlu kaFaro eThahipanesi emehlweni abantu bakwaJuda,
10uthi kubo: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbambe uNebukadiresari inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawamatshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo.
11Uyakufika, ashaye izwe laseGibithe, abokufa babe-ngabokufa, abokuthunjwa babe-ngabokuthunjwa, abenkemba babe-ngabenkemba.
12Ngiyakuphemba umlilo ezindlini zawonkulunkulu baseGibithe; uyakuzishisa, athumbe onkulunkulu, embathe izwe laseGibithe njengomalusi embatha ingubo yakhe, aphume eGibithe ngokuthula.
13Uyakwaphula izinsika zaseBeti-Shemeshi elisezweni laseGibithe; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.