1Uma uphenduka, Israyeli, usho uJehova,
uyakuphendukela kimi;
uma ususa ebusweni bami izinengiso zakho,
awuyikuntengantenga.
2Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi:
Kuphila kukaJehova, izizwe ziyakuzibusisa kuye,
zizibonge kuye.
3Ngokuba usho kanje uJehova
kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi:
Qathani umqatho wenu,
ningatshali phakathi kwameva.
4Zisokeleni kuJehova,
nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu
nina-bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema,
funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo,
kuvuthe, kungabikho ongakucima,
ngenxa yobubi bezenzo zenu.
5Khulumani kwaJuda, nizwakalise eJerusalema, nithi:
Bethani amacilongo ezweni,
nimemeze nithi:
Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.
6Misani ibhanela* elibheka ngaseSiyoni,
nibaleke ningemi,
ngokuba ngiyakuletha okubi kuvele ngasenyakatho
nokubhujiswa okukhulu.
7Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo,
umchithi wezizwe uyeza;
uphumile endaweni yakhe
ukuba ulenze izwe lakho libe-yincithakalo,
ichithwe imizi yakho,
kungabikho ohlala kuyo.
8Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka,
nikhale, nihewule,
ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.
9Kuyakuthi ngalolosuku, usho uJehova, inhliziyo yenkosi iphele kanye nezinhliziyo zezikhulu; abapristi bayakumangala, abaprofethi bethuke.
10Ngase ngithi: Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa lababantu neJerusalema ngokuthi: Niyakuba-nokuthula; nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.
11Ngalesosikhathi kuyakuthiwa kulababantu nakulo iJerusalema: Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini yabantu bami, lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga.
12Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi. Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.
13Bhekani, uyakhuphuka njengamafu,
izinqola zakhe zinjengesivunguvungu,
amahashi akhe anejubane kunezinkozi.
Maye kithina, ngokuba sichithiwe!
14Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi,
ukuze usindiswe.
Koze kube-nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?
15Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani;
lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwaEfrayimi.
16Khumbuzani izizwe; bhekani, nizwakalise eJerusalema
ukuthi kufika abavimbezeli abaphuma ezweni elikude;
baliphakamisa izwi labo ngakuyo imizi yakwaJuda.
17Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke,
ngokuba lingihlubukile, usho uJehova.
18Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu;
lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu;
ifinyelele enhliziyweni yakho.
19Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami;
inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula,
ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo,
ukuhlatshwa komkhosi wempi.
20Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa,
ngokuba izwe lonke liyachithwa.
Amatende ami ayachithwa masinyane,
nezilenge zami ngokuphazima kweso.
21Koze kube-nini ngibona ibhanela*,
ngizwe izwi lecilongo, na?
22Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi;
bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda;
bahlakaniphele ukwenza okubi,
kepha ukwenza okuhle kabakwazi.
23Ngabuka umhlaba; bheka, wawuyize, wawungenalutho,
nezulu lalingenakukhanya.
24Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;
onke amagquma anyakaza.
25Ngabuka; bheka, kwakungekhomuntu;
izinyoni zonke zezulu zazibalekile.
26Ngabuka; bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,
nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova
naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.
27Ngokuba uJehova usho kanje, uthi:
Izwe lonke liyakuba-yincithakalo,
kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.
28Umhlaba uyakhala ngalokhu,
izulu phezulu limnyama,
ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga;
futhi angiyikubuya kukho.
29Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wabamahashi nowabemicibisholo;
bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni;
imizi yonke ishiyiwe,
akakho ohlala kuyo.
30Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na?
Noma wembatha okubomvu,
noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide,
noma ugqaba amehlo akho ngomuthi,
uzenza-muhle ngeze;
izithandwa zakho ziyakudelela,
zifuna ukukubulala.
31Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo,
usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni
eheheza, ezelula izandla zayo, ithi:
Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami
uphelé amandla ngababulali.