Incwadi kaJeremiya kubathunjwa
1Nanka amazwi encwadi uJeremiya umprofethi ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo, nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema, wabayisa eBabele,
2sebesukile uJekoniya inkosi, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi eJerusalema,
3ngesandla sikaEleyasa indodana kaShafani noGemariya indodana kaHilikiya abathunywa nguSedekiya inkosi yakwaJuda eBabele kuNebukadinesari inkosi yaseBabele, athi:
4Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusalema, bayiswe eBabele, uthi:
5Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo;
6thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, nendise amadodakazi enu emadodeni ukuba azale amadodana namadodakazi, nande khona, ninganciphi.
7Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba-nokuthula.
8Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.
9Ngokuba baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, usho uJehova.
10Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kulendawo.
11Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani, usho uJehova, imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.
12Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.
13Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
14Ngiyakufunyanwa yinina, usho uJehova, ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, usho uJehova, nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.
15Ngokuba nishilo ukuthi: UJehova usivusele abaprofethi eBabele.
16Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulomuzi, abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni,
17yebo, usho uJehova-Sebawoti, uthi: Bhekani, ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babenjengamakhiwane amabi angenakudliwa ngobubi bawo.
18Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe-yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe-yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,
19ngokuba abawalalelanga amazwi ami, usho uJehova, engawathuma kubo ngezinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo; yebo, kanilalelanga, usho uJehova.
20Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke-bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema.
21Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, ngoAhabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kini egameni lami, uthi: Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadiresari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu.
22Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: UJehova makakwenze ukuba ube-njengoSedekiya noAhabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,
23ngokuba benzile ubuwula kwaIsrayeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi, usho uJehova.
Izwi kuShemaya
24KuShemaya waseNehelamu uyakusho ukuthi:
25Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Ngenxa yokuba uthumile egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, nakubo bonke abapristi, ngokuthi:
26UJehova ukubeké umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe-yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;
27manje awumsolanga ngani uJeremiya waseAnathoti, oprofetha kini, na?
28Ngokuba ngalokho uthumile kithi eBabele, wathi: Kusekude; yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo.
29UZefaniya umpristi wayifunda lencwadi ezindlebeni zikaJeremiya umprofethi.
30Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi:
31Thuma kubo bonke abathunjwa, uthi: Usho kanje uJehova ngoShemaya waseNehelamu, uthi: Ngenxa yokuba uShemaya eprofethile kini, mina ngingamthumile, wanenza ukuba nethembe emangeni,
32ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakumhambela uShemaya waseNehelamu nenzalo yakhe; akayikuba-namuntu oyakuhlala phakathi kwalababantu, angaboni okuhle engiyakwenzela khona abantu bami, usho uJehova, ngokuba ukhulumé ukuhlubuka kuJehova.