Ukufika kwenkosi elungileyo
1Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami! usho uJehova.
2Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini, usho uJehova.
3Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.
4Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa, usho uJehova.
5Bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe-nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.
6Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, uIsrayeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: ujehova ungukulunga kwethu.
7Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, abangasayikusho ngazo ukuthi: Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwaIsrayeli ezweni laseGibithe,
8kepha ukuthi: Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu kaIsrayeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona; iyakwakha ezweni lakubo.
Abaprofethi bamanga
9Ngabaprofethi.
Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami,
amathambo onke ami ayathuthumela;
nginjengomuntu odakiweyo,
njengomuntu owahlulwé yiwayini
ngenxa kaJehova nangenxa yamazwi akhe angcwele.
10Ngokuba izwe ligcwele iziphingi;
izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso;
amadlelo asehlane omile.
Ukuhamba kwabo kubi,
namandla abo awalungile.
11Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;
nasendlini ngifumene okubi kwabo, usho uJehova.
12Ngalokho indlela yabo iyakuba-yizindawo ezibushelezi;
bayakusunduzwa ebumnyameni,
bawe kubo,
ngokuba ngiyakubehlisela okubi
ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo, usho uJehova.
13Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula:
baprofetha ngoBali, bedukisa abantu bami uIsrayeli.
14Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo:
bayaphinga, bahamba ngamanga,
baqinisa izandla zababi,
ukuze kungabuyi-muntu ebubini bakhe;
bonke banjengeSodoma kimi,
nabakhileyo kulo banjengeGomora.
15Ngalokho usho kanje uJehova-Sebawoti ngabaprofethi, uthi:
Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane,
baphuze amanzi enyongo,
ngokuba ukungabi-naNkulunkulu kuphumé kubaprofethi,
kwaya ezweni lonke.
16Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.
17Bazingé bethi kwabangidelelayo: UJehova ukhulumile uthi: Niyakubanokuthula; kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo bathi: Aniyikwehlelwa ngokubi.
18Ngokuba ngubani owake wema emkhandlwini kaJehova ukuba abone, ezwe izwi lakhe na? Ngubani oqaphele izwi lakhe, walizwa, na?
19Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka
siphumile;
isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi
sehlele phezu kwamakhanda ababi.
20Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya
aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;
ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.
21Mina angibathumanga abaprofethi,
nokho bagijima;
bengingakhulumile kubo,
nokho baprofetha.
22Uma bebemi emkhandlwini wami,
nga bezwisile abantu bami amazwi ami,
bababuyise endleleni yabo embi,
nasebubini bezenzo zabo.
23NginguNkulunkulu eduze yini, usho uJehova, ngingesiye uNkulunkulu kude na?
24Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na? usho uJehova. Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na? usho uJehova.
25Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: Ngiphuphile, ngiphuphile.
26Lokhu koze kube-nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,
27abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube-yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na?
28Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na? usho uJehova.
29Izwi lami alinjengomlilo yini, usho uJehova, nanjengesando esaphula itshe na?
30Ngalokho bheka, ngimelene nabaprofethi, usho uJehova, abeba amazwi ami, kube-yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.
31Bheka, ngimelene nabaprofethi, usho uJehova, abasebenzisa izilimi zabo, bathi: Uthi yena.
32Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga, usho uJehova, bawalandise, badukise abantu bami ngamanga abo nangokuwawaza kwabo; mina-ke angibathumanga nokho, angibayalanga, futhi abasizanga lababantu, usho uJehova.
33Nxa lababantu, noma umprofethi, noma umpristi, bekubuza bethi: Iyini indaba kaJehova? uyakubatshela ukuthi: Yinina eniyindaba, nokuthi: Ngiyakunilahla, usho uJehova.
34Nomprofethi-ke, nompristi, nabantu abayakusho ukuthi: Indaba kaJehova, ngiyakuhambela lowomuntu nendlu yakhe.
35Niyakusho kanje, kube-yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, kube-yilowo nalowo kumfowabo, nithi: UJehova uphendulé wathini? nokuthi: UJehova ukhulumeni?
36Indaba kaJehova anisayikuyikhumbula, ngokuba izwi lalowo nalowomuntu liyakuba-yindaba yakhe, lokhu niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wethu.
37Uyakusho kanje kumprofethi, uthi: UJehova ukuphendulé wathini? nokuthi: UJehova ukhulumeni?
38Kepha uma nithi: Indaba kaJehova, khona uJehova usho kanje, uthi: Ngenxa yokuba nithi lelizwi lokuthi indaba kaJehova, noma mina ngathumela kini, ngathi: Aniyikuthi: Indaba kaJehova,
39ngalokho ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle ebusweni bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nawoyihlo,
40nginehlisele ihlazo eliphakade namahloni emiyo njalo okungayikukhohlakala.