Ukuxwayiswa kwenkosi uSedekiya
1Izwi elafika kuJeremiya, livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye, ethi:
2Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadiresari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.
3UJeremiya wathi kubo: Niyakusho kanje kuSedekiya, nithi: 4Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange, ngizibuthe phakathi nalomuzi.
5Mina ngiyakulwa nani ngesandla eseluliweyo, nangengalo enamandla, nangentukuthelo, nangokufutheka, nangolaka olukhulu.
6Ngiyakubashaya abakhileyo kulomuzi, abantu nezilwane; bayakufa ngesifo esikhulu.
7Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulomuzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadiresari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi-namusa kubo.
8Uyakusho kulababantu, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa.
9Osala kulomuzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube-yimpango yakhe.
10Ngokuba ngibhekisé ubuso bami kulomuzi kube-kubi, kungabi-kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.
11Yisho endlini yenkosi yakwaJuda, uthi: Zwanini izwi likaJehova lokuthi:
12O ndlu kaDavide, usho kanje uJehova, uthi: Yenzani izahlulelo ekuseni, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.
13Bheka, ngimelene nawe, wena owakhileyo esigodini, wena-litshe lasethafeni, usho uJehova, nina enithi: Ngubani oyakusehlela, ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?
14Ngiyakunihambela njengezithelo zezenzo zenu, usho uJehova, ngiphembe umlilo ehlathini labo, uqede konke okungakhona.