Isitsha esaphukileyo
1Washo kanje uJehova, wathi: Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,
2uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango seziNdengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,
3uthi: Zwanini izwi likaJehova ninamakhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalendawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneza ngakho.
4Ngokuba bangishiyile, benzé lendawo ukuba ibe-ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa lendawo ngegazi labangenacala,
5bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe-yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,
6ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho lendawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi sokuBulala.
7Ngiyakuchitha kulendawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe-ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
8Ngiyakwenza lomuzi ukuba ube-yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.
9Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube-yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.
10Besewaphula uphiso phambi kwamadoda ahamba nawe,
11uthi kuwo: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngiyakubulala kanjalo lababantu nalomuzi njengokwaphulwa kwesitsha sombumbi esingasezakubuye sihlanganiswe; bayakumbela eThofeti, ngokuba akuyikubakho-ndawo yokumbela.
12Ngiyakwenze njalo kulendawo, usho uJehova, nakwabakhileyo kuyo, ngenze lomuzi ube-njengeThofeti:
13izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakubanjengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathulula abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.
UJeremiya usesitokisini*
14Wayesebuya uJeremiya eThofeti lapho uNkulunkulu ayemthumé khona ukuba aprofethe; wema egcekeni lendlu kaJehova, wathi kubantu bonke:
15Usho kanje uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalomuzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benzé-lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.