Isono sakwaJuda
1Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu,
2abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawoAshera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.
3Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube-yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.
4Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube-phakade.
5Usho kanje uJehova, uthi:
Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu,
ayenze inyama ibe-yingalo yakhe,
nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.
6Uyakuba-njengesihlahla esiyize ehlane,
angaboni ukuthi kuyeza okuhle;
uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane,
ezweni likasawoti elingahlalwa-muntu.
7Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
8Ngokuba uyakuba-njengomuthi otshalwé ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe-luhlaza,
angabi-naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.
9Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,
futhi imbi; ngubani ongayazi na?
10Mina-Jehova ngivivinya inhliziyo,
ngihlola izinso
ukuba nginike, kube-yilowo nalowo njengezindlela zakhe,
njengezithelo zezenzo zakhe.
11Intendele efukamela ingazalanga,
unjalo owenza ingcebo ngokungalungi;
iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe,
abe-yisiwula ngasekugcineni.
12Indawo yendlu yethu engcwele
iyisihlalo sobukhosi esinenkazimulo esiphakemeyo.
13O themba likaIsrayeli, Jehova,
bonke abakushiyayo bayakujabha;
abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini,
ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.
14Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.
15Bheka, bathi kimi: Liphi izwi likaJehova na?
Malize phela.
16Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela,
futhi angilufisanga usuku olwesabekayo;
wena uyazi;
okwaphuma emlonyeni wami
kwakuphambi kobuso bakho.
17Ungabi-luvalo kimi;
uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.
18Mababe-namahloni abangizingelayo,
kepha mina mangingabi-nawo;
baphele amandla bona,
mina ngingapheli wona kodwa;
behlisele usuku lobubi,
ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.
Isabatha
19Usho kanje kimi uJehova, uthi: Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo futhi, nasemasangweni onke aseJerusalema,
20uthi kuwo: Zwanini izwi likaJehova nina-makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawamasango;
21usho kanje uJehova, uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali-mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;
22futhi ningakhiphi-mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, ningasebenzi-msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,
23nakuba bengalalelanga, bengabekanga izindlebe, kepha benza-lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.
24Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela, usho uJehova, ukuba ningangenisi-mthwalo ngamasango alomuzi ngosuku lwesabatha, nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,
25kungene ngamasango alomuzi amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahashi, bona nezikhulu zabo, abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, nalomuzi uyakuhlala kuze kube-phakade.
26Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa, nemihlatshelo, neminikelo yempuphu, nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.
27Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali-mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.