Izenzo ezimbi zika-Abimeleki nokugcina kwakhe
1UAbimeleki indodana kaJerubali* waya kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi:
2Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali* angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe ngumuntu munye na? Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.
3Abafowabo bakanina base bekhuluma ngaye ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi onke lawomazwi; izinhliziyo zabo zathanda ukumlandela uAbimeleki, ngokuba bathi: Ungumfowethu.
4Bamnika amashekeli* angamashumi ayisikhombisa esiliva endlini kaBali-Beriti, uAbimeleki aqasha ngawo izidenga namayiyane, bamlandela.
5Waya endlini kayise eOfira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali*, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.
6Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti-Milo, baya bambeka uAbimeleki inkosi ngaseokini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.
7Lapho kubikwa lokho kuJothamu, waya wema esiqongweni sentaba yaseGerizimu, waphakamisa izwi lakhe, wamemeza, wathi kubo: Ngilaleleni ninabantu baseShekemi ukuba uNkulunkulu anilalele nina.
8Imithi yake yaya ukuzigcobela inkosi, yathi kuwo umnqumo: Yiba-yinkosi yethu.
9Kepha umnqumo wathi kuyo: Ngiyakuwayeka yini amafutha ami abadunyiswa ngawo onkulunkulu nabantu, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?
10Imithi yayisithi kuwo umkhiwane: Woza wena, ube-yinkosi yethu.
11Kepha umkhiwane wathi kuyo: Ngiyakubuyeka yini ubumnandi bami nezithelo zami ezinhle, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?
12Yayisithi imithi kuwo umvini: Woza wena, ube-yinkosi yethu.
13Umvini wathi kuyo: Ngiyakuliyeka yini iwayini lami elithokozisa onkulunkulu nabantu, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?
14Yonke imithi yayisithi kuso isihlahla somkhaya: Woza wena, ube-yinkosi yethu.
15Isihlahla somkhaya sathi kuyo imithi: Uma ningigcoba impela ngibe-yinkosi yenu, wozani niphephele emthunzini wami; uma kungenjalo, makuphume umlilo kuso isihlahla somkhaya, uqede imisedari* yaseLebanoni.
16Ngalokho uma nenzile ngeqiniso nangobuqotho lapho nimbeka uAbimeleki inkosi, uma nimphathile kahle uJerubali* nendlu yakhe, nenza kuye njengokufanele izandla zakhe —
17ngokuba ubaba wanilwela wazidela, wanophula esandleni sabakwaMidiyani;
18kepha niyivukele namuhla indlu kababa, nibulele amadodana akhe, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, nimbekile uAbimeleki indodana yesigqilakazi sakhe inkosi yabaseShekemi ngokuba engumfowenu —
19uma nimphathile kahle uJerubali* nendlu yakhe namuhla, thokozani ngoAbimeleki, naye athokoze ngani;
20kepha uma kungenjalo, makuphume umlilo kuAbimeleki, uqede abantu baseShekemi neBeti-Milo, umlilo uphume nakubantu baseShekemi naseBeti-Milo, umqede uAbimeleki.
21UJothamu wayesebaleka, weqa, waya eBeri, wahlala khona ngenxa kaAbimeleki umfowabo.
22UAbimeleki wayeyisikhulu phezu kukaIsrayeli iminyaka emithathu.
23UNkulunkulu wathuma umoya omubi phakathi kuka-Abimeleki nabantu baseShekemi; abaseShekemi bambhumbuluza uAbimeleki
24ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.
25AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyondlela; kwabikwa kuAbimeleki.
26Kwafika uGali indodana kaEbedi nabafowabo, waya eShekemi; abaseShekemi bamethemba.
27Baya endle, bavuna izivini zabo, banyathela imivini, bagubha umkhosi, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa uAbimeleki.
28UGali indodana kaEbedi wathi: Ngubani uAbimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali*, noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?
29Sengathi lababantu nga besesandleni sami; bengiyakumsusa uAbimeleki. Wathi kuAbimeleki: Yandisa impi yakho, uphume.
30Lapha uZebule umphathi womuzi ezwa amazwi kaGali indodana kaEbedi, kwavutha ulaka lwakhe.
31Wathuma izithunywa kuAbimeleki ngobuqili, wathi: Bheka, uGali indodana kaEbedi nabafowabo bafikile eShekemi; bheka, bakuvusela umuzi.
32Ngalokho vukani ebusuku, wena nabantu abanawe, niqamekele endle;
33kuyakuthi ekuseni lisaphuma ilanga, uvuke, uhlasele umuzi; bheka, lapho yena nabantu abanaye bephuma ukuba balwe nawe, wenze kubo njengokubona kwakho.
34UAbimeleki nabo bonke abantu ababenaye basuka ebusuku, baqamekela iShekemi ngezigaba ezine.
35UGali indodana kaEbedi waphuma, wema esikhaleni sesango lomuzi; uAbimeleki wayeseqhamuka nabantu ababenaye ekuqamekeleni.
36Lapho uGali ebona abantu, wathi kuZebule: Bheka, kwehla abantu eziqongweni zezintaba. UZebule wathi kuye: Uyabona amathunzi ezintaba kungathi ngabantu.
37UGali wabuye wakhuluma, wathi: Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe, esinye isigaba sifika ngendlela yeoki* lokuhlola imihlola.
38UZebule wayesethi kuye: Uphi manje umlomo wakho ukuba uthi: Ngubani uAbimeleki ukuba simkhonze na? Akusibo labobantu obadeleleyo na? Ake uphume manje, ulwe nabo.
39UGali waphuma phambi kwabantu baseShekemi, walwa noAbimeleki.
40UAbimeleki wamxosha, wabaleka phambi kwakhe, kwawa abaningi bekhutshaziwe kwaze kwaba-sesikhaleni sesango.
41UAbimeleki wahlala eAruma; uZebule wamxosha uGali nabafowabo ukuba bangahlali eShekemi.
42Kwathi ngangomuso abantu baya endle, bamtshela uAbimeleki.
43Wathatha abantu, wabahlukanisela izigaba ezintathu, waqamekela endle; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.
44UAbimeleki nezigaba ezazinaye zadumela, zema esikhaleni sesango lomuzi; izigaba zombili zadumela bonke abasendle, zababulala.
45UAbimeleki walwa nomuzi lonke lolosuku; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawubhidliza umuzi, wahlwanyela usawoti kuwo.
46Lapho bezwa lokho bonke abasembhoshongweni waseShekemi, bangena enqabeni yendlu yase-Eli-Beriti.
47Kwabikwa kuAbimeleki ukuthi bonke abasembhoshongweni waseShekemi babehlangene ndawonye.
48UAbimeleki wenyukela entabeni yaseSalimoni, yena nabantu bonke ababenaye; uAbimeleki wathatha izembe ngesandla, wagawula igatsha emithini, walithatha, walibeka ehlombe, wathi kubantu ababenaye: Lokho eningiboné ngikwenza, sheshani nikwenze njengami.
49Bonke abantu bagawula, kwaba-yilowo nalowo igatsha lakhe kanjalo, bamlandela uAbimeleki, bawabeka enqabeni, bayithungela inqaba ngomlilo phezu kwabo; bafa bonke abantu abasembhoshongweni waseShekemi, kungathi abayinkulungwane, abesilisa nabesifazane.
50UAbimeleki wayeseya eThebesi, wamisa malungana neThebesi, walithatha.
51Kepha phakathi komuzi wawukhona umbhoshongo oqinileyo; babalekela khona bonke abesilisa nabesifazane, nabo bonke abomuzi, bazivalela phakathi, benyukela ophahleni lombhoshongo.
52UAbimeleki wafika embhoshongweni, walwa nawo, wasondela emnyango wombhoshongo ukuba awushise ngomlilo.
53Owesifazane othile waphonsa imbokodwe ekhanda lika-Abimeleki, wachimiza ikhanda lakhe.
54Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe, wathi kulo: Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: Wabulawa ngowesifazane. Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.
55Kwathi abantu bakwaIsrayeli bebonile ukuthi uAbimeleki ufile, bamuka baya, kwaba-yilowo nalowo endaweni yakhe.
56Kanjalo uNkulunkulu wabuyisela ububi buka-Abimeleki abebenzile kuyise ngokubulala abafowabo abangamashumi ayisikhombisa.
57UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali*.