UMika nendlu yakhe yezithombe
1Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwaEfrayimi ogama lakhe lalinguMika.
2Yena wathi kunina: Lezozinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyomali ikimi; ngayithatha. Unina wathi: Mayibusiswe nguJehova indodana yami.
3Wabuyisela kunina lezozinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva; unina wathi: Ngiyangcwelisa impela lelisiliva kuJehova esandleni sami, libe-ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; manje ngiyakulibuyisela kuwe.
4Kepha walibuyisela isiliva kunina, unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva, wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.
5Lowomuntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu, wenza ingubo yamahlombe namatherafi*, wahlukanisela enye indodana yakhe ibe-ngumpristi wakhe.
6Ngalezozinsuku kwakungekho-nkosi kwaIsrayeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.
7Kwakukhona insizwa yaseBetlehema-Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.
8Lowomuntu wamuka emzini, iBetlehema-Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwaEfrayimi endlini kaMika.
9UMika wathi kuye: Uvelaphi na? Wathi kuye: NgingumLevi waseBetlehema-Juda; ngiyahamba ukubona lapho ngingathola khona indawo.
10UMika wayesethi kuye: Hlala kimi, ube-ngubaba nompristi wami, ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka, nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena.
11UmLevi wavuma ukuhlala kulowomuntu; nensizwa yaba-kuye njengendodana yakhe.
12UMika wayesahlukanisela umLevi, leyonsizwa yaba-ngumpristi wakhe, yahlala endlini kaMika.
13Wayesethi uMika: Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyakungenzela okuhle, lokhu nginomLevi ongumpristi wami.