Ukusola kwabakwaEfrayimi nokunqotshwa kwabo
1Amadoda akwaEfrayimi abuthana, aya ngasenyakatho; athi kuJefta: Uwelelani ukulwa nabantwana bakwaAmoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.
2UJefta wathi kubo: Mina nabantu bami sasilwa kakhulu nabantwana bakwaAmoni; nganibiza, aningisindisanga esandleni sabo.
3Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?
4UJefta wayesebutha bonke abantu bakwaGileyadi, walwa noEfrayimi; abantu bakwaGileyadi bamahlula uEfrayimi, ngokuba bathi: Ningababalekileyo bakwaEfrayimi nina-bakwaGileyadi phakathi kwabakwaEfrayimi naphakathi kwabakwaManase.
5AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwaEfrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwaEfrayimi bethi: Mangiwele, abantu bakwaGileyadi bathi kuye: UngowakwaEfrayimi na? Uma ethi: Cha,
6bathi kuye: Shono uthi: Shiboleti, abesethi: Siboleti, ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle; base bembamba, bambulala ngasemazibukweni aseJordani; kwawa ngalesosikhathi abakwaEfrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.
Ukufa kukaJefta
7UJefta wamahlulela uIsrayeli iminyaka eyisithupha. Wafa uJefta wakwaGileyadi, wembelwa komunye wemizi yakwaGileyadi.
OIbisani, noEloni, noAbidoni
8Emva kwakhe uIbisani waseBetlehema wahlulela uIsrayeli.
9Wayenamadodana angamashumi amathathu; amadodakazi angamashumi amathathu wawendisa, wathathela amadodana akhe izintombi ezingamashumi amathathu. Wamahlulela uIsrayeli iminyaka eyisikhombisa.
10UIbisani wafa, wembelwa eBetlehema.
11Emva kwakhe uEloni wakwaZebuloni wahlulela uIsrayeli; wamahlulela uIsrayeli iminyaka eyishumi.
12UEloni wakwaZebuloni wafa, wembelwa eAjaloni ezweni lakwaZebuloni.
13Emva kwakhe uAbidoni indodana kaHileli wasePirathoni wahlulela uIsrayeli.
14Wayenamadodana angamashumi amane namadodana amadodana akhe angamashumi amathathu agibela amathole ezimbongolo angamashumi ayisikhombisa; wamahlulela uIsrayeli iminyaka eyisishiyagalombili.
15UAbidoni indodana kaHileli wasePirathoni wafa, wembelwa ePirathoni ezweni lakwaEfrayimi ezintabeni zamaAmaleki.