Ukulwa kwabakwaIsrayeli namaKhanani, esefile uJoshuwa
1Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwaIsrayeli bambuza uJehova, bathi: Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?
2UJehova wathi: Kuyakukhuphuka uJuda; bheka, ngilinikele izwe esandleni sakhe.
3UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo: Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani, nami ngiye esabelweni sakho. USimeyoni wayesehamba naye.
4UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.
5EBezeki bafumana uAdoni-Bezeki, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.
6Kepha uAdoni-Bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula.
7Wayesethi uAdoni-Bezeki: Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi. Bamyisa eJerusalema, wafela khona.
8Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.
9Ngasemuva behla abantwana bakwaJuda ukuba balwe namaKhanani ayakhé ezintabeni, nangaseningizimu, nasenzansi.
10UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhé eHebroni-igama leHebroni laliyiKiriyati-Araba kuqala-babulala oSheshayi, noAhimani, noTalimayi.
11Wasuka lapho, waya kwabakhé eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati-Seferi kuqala.
12UKalebi wathi: Onqoba iKiriyati-Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika uAkisa indodakazi yami abe-ngumkakhe.
13UOtheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi, walithatha; wayesemnika uAkisa indodakazi yakhe abe-ngumkakhe.
14Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?
15Wathi kuye: Ngiphe isipho; lokhu unginiké izwe laseningizimu, ngiphe nemithombo yamanzi. UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.
16Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwaseAradi; baya bakha nabantu bakhona.
17UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, bachitha amaKhanani ayakhé eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma.
18UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, neAshikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.
19UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhé esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.
20Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.
21Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhé eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube-namuhla.
22Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.
23Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.
24Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini, zathi kuye: Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.
25Wazikhombisa intuba yokungena emzini, zawuchitha umuzi ngosiko lwenkemba; kepha zamvumela lowomuntu nomndeni wakhe ukuba bahambe.
26Lowomuntu wayesengena ezweni lamaHeti, wakha umuzi, waqamba igama lawo ngokuthi iLuze okuyigama lawo kuze kube-namuhla.
27UManase akaxoshanga abaseBeti-Sheyani nemizana yalo, nabase Thahanaki nemizana yalo, nabakhé eDori nemizana yalo, nabakhé eJibileyamu nemizana yalo, nabakhé eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelozwe.
28Kwathi uIsrayeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.
29Naye uEfrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhé eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.
30UZebuloni akaxoshanga abakhé eKitroni, nabakhé eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa.
31UAsheri akaxoshanga abakhé eAko, nabakhé eSidoni, naseAhlabi, naseAkizibi, naseHelba, naseAfiki, naseRehobe;
32kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhé kulelozwe, ngokuba abawaxoshanga.
33UNafetali akaxoshanga abakhé eBeti-Shemeshi nabakhé eBeti-Anati, kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhé kulelozwe; kodwa abakhé eBeti-Shemeshi naseBeti-Anati basetshenziswa yibo.
34Ama-Amori adudulela abantwana bakwaDani ezintabeni, ngokuba awabavumelanga ukwehlela esigodini.
35Kepha ama-Amori aphumelela ukuhlala entabeni yaseHeresi, naseAjaloni, naseShahalabimi; kodwa isandla sendlu kaJosefa sahlula, aze asetshenziswa.
36Umkhawulo wama-Amori wasukela ekwenyukeni kweAkarabimi naseSela, waya ngenhla njalo.