1Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami,
wena-Israyeli engikukhethileyo.
2Usho kanje uJehova owakudalayo,
wakubumba kwasesiswini, oyakukusiza, uthi:
Ungesabi, Jakobe, nceku yami,
wena-Jeshuruni engikukhethileyo.
3Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo,
nezikhukhula phezu kokushileyo,
ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho,
nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;
4bayakuhluma phakathi kotshani
njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.
5Omunye uyakuthi: NgingokaJehova;
omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe,
omunye azilobele uJehova esandleni sakhe,
azidumise ngegama likaIsrayeli.
UJehova yedwa unguNkulunkulu
6Usho kanje uJehova, iNkosi kaIsrayeli,
noMhlengi wakhe, uJehova-Sebawoti, uthi:
Ngingowokuqala, ngingowokugcina,
ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.
7Ngubani ongabiza njengami, akumemezele,
akubeke phambi kwami,
kusukela ekusekeleni kwami abantu basendulo, na?
Yebo, okuzayo nokuyakwenzeka mabakumemezele.
8Ningesabi, ningabi-naluvalo;
angithi ngikuzwisile kusukela endulo,
ngakumemezela, na?
Nina ningofakazi bami.
Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na?
Cha, alikho iDwala; angilazi.
Izithombe
9Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke; izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza; ofakazi babo ababoni, futhi abazi; bayakujabhiswa.
10Ngubani owenzile uNkulunkulu, ngubani obumbile isithombe esibaziweyo esingesokusiza na?
11Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha, nezisebenzi zingabantu nje. Mabahlangane bonke, beme; bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.
12Umkhandi wensimbi wenza imbazo, asebenze emalahleni, ayibumbe ngezando, ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe; uyalamba, angabikho amandla; akaphuzi amanzi, uyadangala.
13Umbazi uyelula intambo, adwebe umuthi ngokubomvu, awenze ngezibazo, adwebe ngekompasi*, awenze ngomfanekiso womuntu, ngobuhle bomuntu, ukuba uhlale endlini.
14Uyazigawulela imisedari*, athathe imikhoba namaoki*, awaqinise phakathi kwemithi yehlathi; uyatshala umfire*, imvula iwukhulise.
15Besekuba-ngokomuntu ukuba abase ngakho; uthatha kuwo, othe; uyawuphemba, enze isinkwa; wenza unkulunkulu, akhuleke kuye, enze nesithombe esibaziweyo, akhothamele kuso.
16Ushisa inxenye yawo emlilweni; phezu kwalenxenye uyadla inyama, ose izoso, asuthe; yebo, uyotha athi: Halala! Sengifudumele, ngibonile umlilo.
17Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe; uyakhothamela kuso, akhuleke kuso, athandaze kuso, athi: Ngophule; ungunkulunkulu wami.
18Abazi, abaqondi, ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.
19Akakho okhumbulayo, nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe: Ngishisile inxenye yawo ngomlilo, ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo, ngosile inyama, ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube-yisinengiso, ngikhothamele umbhuku womuthi, na?
20Udla umlotha; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi: Akukho yini amanga kwesokunene sami na?
Intokozo ngokuhlengwa kukaIsrayeli
21Khumbula lezizinto, Jakobe,
wena-Israyeli, ngokuba uyinceku yami;
ngikubumbile, uyinceku yami;
Israyeli, angiyikukukhohlwa.
22Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,
nezono zakho njengemilaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.
23Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile,
nijabule nina-zindawo eziphansi zomhlaba,
niqhumuke ngokuhlabelela nina-zintaba, nawe-hlathi nayo yonke imithi ekuwe,
ngokuba uJehova umhlengile uJakobe,
ngokuhlabelela wazidumisa ngoIsrayeli.
UKoresi umalusi
24Usho kanje uJehova uMhlengi wakho
nowakubumba kwasesiswini, uthi:
NginguJehova owenza konke,
oweneka izulu yedwa, nowendlala umhlaba ngokwakhe,
25oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga,
enze ababhuli ukuba bahlanye,
obuyisela emuva abahlakaniphileyo,
enze ukwazi kwabo kube-ngubuwula;
26ogcwalisa izwi lenceku yakhe,
afeze ukululekana kwezithunywa zakhe,
oshoyo ngalo iJerusalema, athi: Liyakuba-nabantu,
nangemizi yakwaJuda ukuthi: Iyakwakhiwa,
ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;
27oshoyo kuwo umsinga ukuthi: Yisha,
ngiyakomisa imifula yakho;
28oshoyo ngoKoresi ukuthi: Ungumalusi wami,
uyakufeza konke okwentando yami,
athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa,
nakulo ithempeli: Isisekelo sakho siyakubekwa.