UISAYA 39
Izithunywa ezivela kuMerodaki-Baladani
1Ngalesosikhathi uMerodaki-Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile.
2UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho-nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.
3Wayesefika uIsaya umprofethi enkosini uHezekiya, wathi kuye: Batheni labobantu; bezé kuwe bevelaphi na? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude, iBabele, bezé kimi.
4Wayesethi: Baboneni endlini yakho na? UHezekiya wathi: Baboné konke okusendlini yami; akukho-nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.
5UIsaya wathi kuHezekiya: Yizwa izwi likaJehova-Sebawoti.
6Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube-namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala-lutho, usho uJehova.
7Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abeyizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.
8Wayesethi uHezekiya kuIsaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo. Wathi futhi: Ngokuba kuyakuba-khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.