Intokozo yabakhululiweyo beNkosi
1Kuyakujabula ihlane nogwadule,
kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.
2Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube;
luyakuphiwa udumo lweLebanoni,
nobukhosi beKarmeli nobeSharoni,
lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3Qinisani izandla ezibuthakathaka,
nimise amadolo axegayo.
4Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi:
Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela,
impindiselo ivela kuNkulunkulu;
nguye oza ukunisindisa.
5Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa,
zivuleke nezindlebe zezithulu.
6Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele,
nolimi lwesimungulu luyakuhuba,
ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi,
nemifudlana kwahlongasibi.
7Isihlabathi esibengezelayo siyakubayichibi,
isigagadu sibe-yimithombo yamanzi;
ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona
kuyakuba-khona igceke lomhlanga nekhwani.
8Kuyakuba-khona umendo nendlela
eyakuthiwa iNdlela yobuNgcwele;
ongcolileyo akayikuhamba ngayo,
kepha iyakuba-ngeyabantu bakhe;
abahamba ngayo, noma beyiziwula,
abayikuduka kuyo.
9Akuyikuba-khona lapho ingonyama,
nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona;
lokho akuyikufunyanwa khona,
kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
10Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya
baye eSiyoni ngokwethaba,
intokozo engunaphakade ibe-phezu kwamakhanda abo;
bayakuthola ukujabula nokuthokoza,
kubaleke usizi nokububula.