Isiprofetho ngoEfrayimi
1Wo kuwo umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwaEfrayimi,
nakuyo imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo,
esenhloko yesigodi esivundileyo
sabanqotshwé yiwayini.
2Bheka, iNkosi inaye oqinileyo nonamandla;
uyakuwisa phansi ngamandla
njengesivunguvungu esinesichotho,
nesiphepho esichithayo,
nesiphihli samanzi esinamandla esikhukhulayo.
3Umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwaEfrayimi
uyakunyathelwa ngezinyawo,
4imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo,
esenhloko yesigodi esivundileyo,
ibe-njengekhiwane elivuthiwe kungakafiki ukuvuna;
olibonayo uyalibuka, aligwinye, lisesesandleni sakhe.
5Ngalolosuku uJehova-Sebawoti uyakuba-ngumqhele wobukhosi,
nesicoco esihle kuyo insali yabantu bakhe,
6nomoya wokwahulela kohlezi ekwahluleleni,
namandla kubo ababuyisa impi esangweni.
Ukonakala kwaseJerusalema
7Nalabo baduka ngewayini;
ngophuzo olunamandla bayatengezela;
abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla,
bayatengezela ngophuzo olunamandla;
bayaduka ekuboneni, bakhubeka ekwahluleleni.
8Yebo, onke amatafula agcwele ubuhlanzo nokungcola,
kungabe kusabakho-ndawo.
9Ngubani ayakumfundisa ukwazi,
aqondise-bani umbiko, na?
Yibo abalunyuliweyo obisini,
basuswa emabeleni, na?
10Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo,
isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,
umthetho phezu komthetho,
umthetho phezu komthetho,
lapha ingcosana, nalapho ingcosana.
11Yebo, ngezindebe ezingingizayo
nangolunye ulimi
uyakukhuluma kulababantu
12akade esho kubo ukuthi: Lokhu kungukuphumula;
phumuzani abayethileyo;
lokhu kungukuhlunyelelwa;
kepha abathandanga ukuzwa.
13Ngalokho izwi likaJehova liyakubakubona
isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,
isiyalezelo phezu kwesiyalezelo,
umthetho phezu komthetho,
umthetho phezu komthetho,
lapha ingcosana, nalapho ingcosana,
ukuze bahambe, bawe nyovane,
baphuke, bacushwe, babanjwe.
14Ngalokho yizwani izwi likaJehova
nina-bantu abadelelayo,
enibusa lababantu
baseJerusalema.
15Ngokuba nithé: Senzile isivumelwano nokufa,
sivumelene nendawo yabafileyo;
lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,
asiyikusehlela thina,
ngokuba senzile amanga abe-yisiphephelo sethu,
sicashile phansi kwenkohliso;
16ngalokho ithi iNkosi uJehova:
Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo,
itshe elivivinyekileyo,
itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso;
okholwayo kayikubaleka.
17Ngiyakwenza ukwahlulela kube-ngumucu wokulinganisa,
nokulunga kube-ngumthofu wokumisa,
isichotho sihlwithe isiphephelo samanga,
amanzi akhukhule indawo yokucasha.
18Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa,
nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma;
lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula,
niyakunyathelwa phansi yiso.
19Njalo lapho sidabula, siyakunibamba,
ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa
imini nobusuku,
kube-ngukwesaba kuphela,
lapho umbiko uqondwa.
20Ngokuba umbhede uyakuba-mfushane
kunokuba umuntu enabe kuwo,
nengubo ibe-ncane kunokuba umuntu azisonge ngayo.
21Ngokuba uJehova uyakusukuma
njengasentabeni yasePherasimi,
athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni,
ukuze enze umsebenzi wakhe,
umsebenzi wakhe ongavamile,
afeze isenzo sakhe,
isenzo sakhe esimangalisayo.
22Ngalokho ningadeleli,
funa izibopho zenu ziqiniswe,
ngokuba ngizwile eNkosini uJehova-Sebawoti
ukuthi ukuphela kunqunyiwe phezu kwawo wonke umhlaba.
23Bekani indlebe, nizwe izwi lami;
lalelani, nizwe ukukhuluma kwami.
24Umlimi, eyakutshala, ulima lonke usuku na?
Uyaduba abhuqe umhlabathi wakhe njalo na?
25Lapho esehlelembile ubuso bawo,
angithi uhlwanyela amafitshizi*,
asakaze ikumini*,
atshale ukolweni ngezinhla,
nebhali* ezindaweni zalo,
nokolweni ocolekileyo eceleni, na?
26UNkulunkulu wakhe uyamhlakahlisa ngendlela eyiyo,
amfundise.
27Ngokuba amafitshizi* awabhulwa ngesibhulo esibukhali,
nesondo lengqukumbane kaliphendulwa phezu kwekumini*,
kepha amafitshizi ayavuthuzwa ngenduku
nekumini ngothi.
28Amabele esinkwa ayacolwa na?
Cha, ngokuba awabhulwa nokubhulwa njalo;
nakuba eqhuba isondo lengqukumbane
namahashi alo phezu kwawo, awacolisiswa.
29Nalokho kuvela kuJehova-Sebawoti
oyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini.