Ukubuyiswa kukaIsrayeli
1Ngalolosuku uJehova uyakuhambela
ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla
uLeviyathani*, inyoka esheshayo,
uLeviyathani, inyoka ethandelayo,
abulale udrako* oselwandle.
2Ngalolosuku kuyakuba-khona isivini esinxanelekayo;
hlabelelani ngaso.
3Mina-Jehova ngingumlindi waso,
ngiyakusinisela njalo;
funa soniwe, ngiyakusilinda ubusuku nemini.
4Ukufutheka akukho kimi;
sengathi kungaba-khona amakhakhasi nameva!
Bengiyakuwasukela ngokulwa,
ngiwashise kanyekanye,
5noma abambelele emandleni ami ukuba enze ukuthula nami,
enzelane ukuthula nami.
6Ngezinsuku ezizayo uJakobe uyakugxila,
uIsrayeli akhahlele, aqhakaze,
bagcwalise ubuso bomhlaba ngezithelo.
7Ubashayile njengalokho ebashayile ababashayayo na?
Babulewe njengokubulawa kwababulewe nguye na?
8Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa;
wabasusa ngomoya wakhe olukhuni
ngosuku lomoya wasempumalanga.
9Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu,
lokhu kube-yisithelo sonke sokususa isono sakhe,
lapho enza ukuba onke amatshe ealtare
avithizeke njengamatshe omcako,
kungabe kusamiswa oAshera* nama-altare empepho.
10Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize,
nekhaya limukelwe, lishiyiwe njengehlane;
ithole liyakuklaba khona, libuthise khona,
lidle, liqede amahlamvu awo.
11Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa,
kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo,
ngokuba bangabantu abangenakuqonda;
ngalokho owabenzayo akayikubahawukela,
nowababumbayo akayikuba-namusa kubo.
12Kuyakuthi ngalolosuku uJehova avuthuze
ezikhwetshini zasemfuleni kuze kubesemfuleni waseGibithe,
nibuthwe abanye ngabanye
nina-bantwana bakwaIsrayeli.
13Kuyakuthi ngalolosuku libethwe icilongo elikhulu,
kufike ababelahlekile ezweni laseAsiriya
nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe,
bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.