Isiprofetho ngeGibithe
1Isiprofetho ngeGibithe.
Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane,
uyeza eGibithe;
onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe,
nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.
2Ngiyakuvusa abaseGibithe ukuba bamelane nabaseGibithe,
balwe, kube-yilowo nalowo nomfowabo,
kube-yilowo nalowo nomakhelwane wakhe,
umuzi nomuzi, umbuso nombuso.
3Umoya waseGibithe uyakuba-yize ngaphakathi kwalo;
ngiyakuchitha amasu alo;
bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga,
nabanamadlozi, nabathakathi.
4Ngiyakubanikeza abaseGibithe
esandleni senkosi elukhuni,
nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo,
isho iNkosi uJehova-Sebawoti.
5Amanzi ayakuphela elwandle,
umfula wome, ushe.
6Imifula iyakunuka,
imifudlana yaseGibithe iyakuncipha, yome,
kubune umhlanga nebungu.
7Kuyakuba-khona uqwathule ngaseNayile,
ngasogwini lweNayile,
nakho konke okutshaliwe ngaseNayile
kuyakoma, kuhlakazwe, kungabe kusababikho.
8Abadobi bayakukhala, balile,
bonke abaphonsa udobo eNayile;
nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.
9Bayakujabha abasebenza ngefilakisi* eliklayiweyo
kanye nabaluki belineni.
10Izisekelo zalo ziyakwaphulwa,
bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.
11Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela,
nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula;
ningasho kanjani kuFaro ukuthi:
Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo,
ngiyindodana yamakhosi asendulo, na?
12Pho, baphi abahlakaniphileyo bakho na?
Mabakutshele, bakwazise
lokhu akucebile uJehova-Sebawoti ngeGibithe.
13Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula,
izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe;
balidukisile iGibithe
abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.
14UJehova uthululé umoya ophambeneyo phakathi kwabo,
baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yalo
njengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.
15IGibithe aliyikuba-namsebenzi
oyakwenziwa yikhanda nomsila,
negatsha lesundu nomhlanga.
16Ngalolosuku iGibithe liyakubanjengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova-Sebawoti asinikina phezu kwalo.
17Izwe lakwaJuda liyakuba-yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova-Sebawoti alicebé ngalo.
18Ngalolosuku kuyakuba-yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani, ifunge uJehova-Sebawoti; omunye uyakuthiwa uMuzi weLanga.
19Ngalolosuku kuyakuba-khona ialtare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.
20Liyakuba-yisibonakaliso nobufakazi kuJehova-Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.
21UJehova uyakuzazisa eGibithe, nabaseGibithe bayakumazi uJehova ngalolosuku, bamkhonze ngomhlatshelo nomnikelo, benze izithembiso kuJehova, bazigcwalise.
22UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.
23Ngalolosuku kuyakuba-khona umendo ophuma eGibithe uye eAsiriya; iAsiriya liyakungena eGibithe, iGibithe lingene eAsiriya, iGibithe likhuleke kanye neAsiriya.
24Ngalolosuku uIsrayeli uyakubangowesithathu kanye neGibithe neAsiriya, babe-yisibusiso phakathi komhlaba,
25uJehova-Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: Malibusiswe iGibithe abantu bami, neAsiriya umsebenzi wezandla zami, noIsrayeli ifa lami.