Isiprofetho ngeBabele
1Isiprofetho ngeBabele asibonayo uIsaya indodana ka-Amose.
2Misani ibhanela* entabeni elucwatha,
nibaphakamisele izwi,
nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene
emasangweni abakhulu.
3Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami,
yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami,
bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.
4Umsindo wesixuku ezintabeni
kungathi ngowabantu abaningi!
Umsindo wokuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangene!
UJehova-Sebawoti uyabutha impi yakhe.
5Bavela ezweni elikude
nasekugcineni kwezulu
uJehova nezikhali zentukuthelo yakhe,
ukuba bachithe umhlaba wonke.
6Hewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele;
njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
7Ngalokho izandla zonke ziyadangala,
nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.
8Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu,
bazibinya njengababelethayo.
Babhekana omunye nomunye bemangala.
Ubuso babo bungubuso bamalangabi.
9Bheka, usuku lukaJehova luyeza,
lunonya, lunokufutheka, lunokuvutha kolaka,
ukuba lwenz' ize umhlaba,
luchithe izoni zawo kuwo.
10Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo
akuyikukhanya;
ilanga liyakuba-mnyama ekuphumeni kwalo,
nenyanga ayisayikukhipha ukukhanya kwayo.
11Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo,
nababi ngezono zabo,
ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo,
ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.
12Ngiyakwenza umuntu abe-yigugu kunegolide elihle,
yebo, umuntukazana kunegolide elicwengekileyo.
13Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu,
umhlaba unyakaziswe endaweni yawo,
ngentukuthelo kaJehova-Sebawoti
ngosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.
14Kuyakuthi njengensephe exoshwayo
nezimvu ezingaqoqwa-muntu,
baphendukele, kube-yilowo nalowo kubantu bakubo,
babalekele, kube-yilowo nalowo ezweni lakubo.
15Bonke abatholwayo bayakugwazwa,
nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.
16Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo,
izindlu zabo ziphangwe,
omkabo baphoqwe.
17Bhekani, ngiyakubavusela amaMede
angayikunaka isiliva,
negolide angathokozi ngalo.
18Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo;
abayikuhawukela isithelo esisesizalweni,
amehlo abo angabi-nasihe kubantwana.
19IBabele, umhlobiso wemibuso,
isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi,
liyakuba-njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.
20Alisoze labuye lakhiwa,
akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane;
umArabiya akayikumisa khona,
nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.
21Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona,
nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova;
kuyakuhlala lapho izintshe,
namademoni ayakungqabashiya khona.
22Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo,
namakhanka ezindlini zamakhosi;
siseduze ukufika isikhathi salo,
nezinsuku zalo aziyikwandiswa.