Ihlumela likaJese
1Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese,
kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.
2UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe,
umoya wokuhlakanipha nowokuqonda,
umoya wamasu nowamandla,
umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.
3Intokozo yakhe iyakuba-sekumesabeni uJehova;
akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe,
anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
4Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga,
anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba,
awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe,
abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
5Ukulunga kuyakuba-yibhande* lezinkalo zakhe,
ukuthembeka kube-yibhande lamanyonga akhe.
6Impisi iyakuhlala newundlu,
ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi,
ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye,
nomntwana omncane uyakukuqhuba.
7Inkomo nebhere* kuyakuklaba,
amazinyane akho abuthise ndawonye,
ingonyama idle utshani njengenkabi.
8Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu,
olunyuliweyo elulele isandla sakhe esiseleni sikamantshingeyana.
9Abayikwenza okubi, bangachithi
entabeni yonke yami engcwele,
ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova
njengamanzi asibekela ulwandle.
10Kuyakuthi ngalolosuku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba-nodumo.
11Kuyakuthi ngalolosuku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala eAsiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.
12Iyakuphakamisela abezizwe ibhanela*,
ibuthe abaxoshiweyo bakwaIsrayeli,
iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.
13Umhawu kaEfrayimi uyakusuka,
nabacindezela uJuda bayakunqunywa;
uEfrayimi akayikuba-namhawu ngoJuda,
noJuda kayikucindezela uEfrayimi.
14Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga,
baphange kanyekanye abantu basempumalanga,
belulele izandla zabo ngakuEdomi noMowabi,
abakwa-Amoni babalalele.
15UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe,
anikine isandla sakhe phezu koMfula*
ngokuhamula komoya wakhe,
awushaye ube-yiminonjana eyisikhombisa,
ukuze kuhanjwe ngezicathulo.
16Kuyakuba-khona umgwaqo wensali yabantu bakhe,
eyakusala eAsiriya,
njengalokho kwakunjalo kuIsrayeli
ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.