Ukukhohlisa kukaIsrayeli
1Yizwani lokhu nina-bapristi,
nilalele nina-ndlu kaIsrayeli,
nibeke indlebe nina-ndlu yenkosi,
ngokuba ukwahlulela kukinina,
lokhu nanilugibe eMispa
nenetha elenekwé eThabori.
2Abahlubuki bashoné phansi ngokuhlaba kwabo,
kepha ngingumlayi wabo bonke.
3Ngiyazi mina uEfrayimi,
uIsrayeli akafihlekile kimi,
ngokuba manje, Efrayimi, ufebile,
uIsrayeli uzingcolisile.
4Abenzi izenzo
zokuba babuyele kuNkulunkulu,
ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo,
noJehova abamazi.
5Ukuzidla kukaIsrayeli kuyafakaza ebusweni bakhe;
oIsrayeli noEfrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;
naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.
6Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo
ukuyofuna uJehova;
kepha abayikumfumana;
umonyukile kubo.
7Bamkhohlisile uJehova,
ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;
manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.
8Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;
hlabani umkhosi eBeti-Aveni:
basemva kwakho, Benjamini!
9UEfrayimi uyakuba-yincithakalo ngosuku lokujeziswa;
ngazisile izizwe zakwaIsrayeli okuqinisekileyo.
10Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele;
ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.
11UEfrayimi ucindezelekile, uchotshoziwe ekwahlulelweni,
ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.
12Mina-ke senginjengenundu kuEfrayimi,
nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.
13Lapho uEfrayimi abona isifo sakhe
noJuda isilonda sakhe,
uEfrayimi waya eAsiriya,
wathumela enkosini uJarebi;
kepha ingeniphulukise,
ayinakusipholisa isilonda senu.
14Ngokuba ngiyakuba-njengengonyama kuEfrayimi,
nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda;
mina, yebo, mina ngiyakudwengula, besengimuka;
ngiyakususa, kungekho owophulayo.
15Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami,
baze bazithwese icala labo, bafune ubuso bami;
osizini lwabo bayakungifunisisa.