UNkulunkulu ulusizo olulodwa lukaIsrayeli
1Lapho uEfrayimi ekhuluma, kwavela ukuthuthumela;
wayephakeme kwaIsrayeli,
kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
2Manje benezela ekoneni,
bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo
nezithombe ngokuqonda kwabo,
zonke ziyimisebenzi yezinyanga;
bakhuluma ngabo, bathi:
Bahlaba abantu, kepha banga amathole.
3Ngalokho bayakuba-njengamafu okusa,
nanjengamazolo amuka ekuseni,
nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeni
nomusi ophuma ngefasitele.
4Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho
kwasezweni laseGibithe;
ngaphandle kwami awazi-Nkulunkulu,
nomsindisi akakho ngaphandle kwami.
5Mina ngakwazi ehlane
ezweni lokoma.
6Basutha njengamadlelo abo;
basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;
ngalokho bangikhohliwe.
7Ngase ngiba-njengengonyama kubo,
ngiqamekela endleleni njengengwe.
8Ngitheleka phezu kwabo njengebhere*
elaphuciwe amawundlu alo,
ngidwengula ubhedu lwenhliziyo,
ngibadle njengengonyamakazi,
isilwane sasendle sibaqaqe.
9Ngukuchithwa kwakho, Israyeli,
ngokuba uphambene nami, usizo lwakho.
10Iphi inkosi yakho manje
ukuba ikusindise emizini yakho yonke;
nabahluleli bakho, wena owathi:
Ngiphe inkosi nezikhulu.
11Ngikuniké inkosi ngentukuthelo yami,
ngayisusa ngolaka lwami.
12Ububi bukaEfrayimi buboshiwe,
isono sakhe sibekelelwe.
13Imihelo yobelethayo iyakumehlela;
uyindodana engahlakaniphile,
ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi
lapho kuqhamuka abantwana.
14Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo,
ngibahlawulele ekufeni;
ziphi izifo zakho, kufa,
kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na?
Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.
15Noma enezithelo phakathi kwabafowabo,
kuyakufika umoya wasempumalanga,
umoya kaJehova ovela ehlane;
besewujabha umthombo,
isiphethu sishe;
uyakuphanga ingcebo yakhe,
zonke izinto ezinxanelekayo.
16ISamariya liyakuthwala icala lalo,
ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo;
bayakuwa ngenkemba,
izingane zabo zichotshozwe,
abakhulelweyo babo baqaqwe.