UKristu usenguye umpristi omkhulu nasezulwini
1Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlala sobukhosi soMkhulu emazulwini,
2isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.
3Ngokuba yilowo nalowompristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe-nakho okuthile kokunikela.
4Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba-ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,
5bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni;
6kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala
7Ngokuba uma lesosivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.
8Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo:
Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi,
lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu kaIsrayeli,
nendlu kaJuda,
9kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise
mhla ngibabamba ngesandla
ukubakhipha ezweni laseGibithe,
ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami,
nami angibanakanga, isho iNkosi.
10Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu kaIsrayeli
emva kwalezozinsuku, isho iNkosi:
ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,
ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,
ngibe-nguNkulunkulu wabo,
bona babe-ngabantu bami.
11Abasayikufundisa kube-yilowo nalowo owakubo,
nalowo umfowabo, ngokuthi: Yazi iNkosi;
ngokuba bonke bayakungazi,
kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo.
12Ngokuba ngiyakuba-nesihawu ngakungalungi kwabo,
nezono zabo angisayikuzikhumbula.
13Ngokusho lokho ukuthi: Esisha, uthé esokuala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.