Kuhle baqhubeke ekwazini kokukholwa; ukusilela kulokho kunengozi
1Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,
2nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade.
3Siyakukwenza lokho, uma uNkulunkulu evuma.
4Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebaké bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,
5banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo,
6babuye bahlubuka — akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.
7Ngokuba umhlabathi, ophuzé imvula efika kaningi phezu kwawo, umilisa imifino ebasizayo abawulinyelwayo, uyabusiswa nguNkulunkulu;
8kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.
9Kepha siyethemba ngani-bathandekayo okuhle kunalokho, ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje.
10Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.
Mabafane nawokhokho ababambelela esithenjisweni
11Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokhokukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube-sekupheleni,
12ukuba ningabi-buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.
13Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa uAbrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga,
14wathi: Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa;
15kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo.
16Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise.
17Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo,
18ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe-nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,
19esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,
20lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba-ngumpristi omkhulu kuze kube-phakade ngokukuma kukaMelkisedeki.