UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini
1Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu
2owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke.
3Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.
4Ngokuba yileyondlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.
5UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube-ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa,
6kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube-sekupheleni.
Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe
7Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:
Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8ningazenzi-lukhuni izinhliziyo zenu
njengasekucunuleni
ngosuku lokulingwa ehlane,
9lapho oyihlo bangilinga bengihlola,
noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;
10ngalokho nganengwa yilesosizukulwane,
ngathi: Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,
abazazanga izindlela zami,
11ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,
ngathi: Abayikungena ekuphumuleni kwami.
12Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho-nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;
13kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa-lukhuni ngokukhohlisa kwesono,
14ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube-sekupheleni.
15Uma kuthiwa:
Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
ningazenzi-lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni,
16pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?
17Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?
18Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na?
19Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.