Ukudelela izwi likaKristu lensindiso kunesijeziso esikhulu
1Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.
2Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,
3thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? — okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,
4uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.
UKristu waba-mncane kunezingelosi esasebenza umsebenzi wensindiso emhlabeni
5Ngokuba kwakungesizo izingelosi athobisela phansi kwazo izwe elizayo esikhuluma ngalo.
6Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi:
Umuntu uyini ukuba umkhumbule,
noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na?
7Isikhashana wamenza waba-mncinyane kunezingelosi;
wambeka umqhele wenkazimulo nodumo,
wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho,
izinto zonke wazibeka phansi kwezinyawo zakhe.
8Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga-lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe;
9kodwa siyambona owenziwe wabamncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.
10Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.
11Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu, 12ethi:
Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho,
ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla;
13futhi:
Ngiyakubeka ithemba lami kuye;
futhi:
Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginiké bona.
14Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obenawo amandla okufa onguSathane,
15abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.
16Ngokuba akahlangulisi izingelosi, kodwa uhlangulisa inzalo ka-Abrahama.
17Ngakho-ke kwamfanela ukuba abenjengabafowabo kukho konke, ukuze abengumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kubeyinhlawulo yezono zabantu.
18Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.