UKristu mkhulu kunezingelosi zonke
1UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,
2ekugcineni kwalemihla ukhulumé kithina ngeNdodana ayimisé ibe-yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.
3Yona ethi ingukubengezela kwenkazimulo yakhe, ifuzé yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,
4seyaba-nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.
UKristu uyiNdodana kaNkulunkulu
5Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:
UyiNdodana yami wena,
namuhla ngikuzele, na?
nokuthi:
Ngiyakuba-nguYise kuyona,
yona ibe-yiNdodana kimina, na?
6Futhi mhla engenisa oyizibulo emhlabeni uthi:
Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.
7Ngezingelosi uthi:
Owenza izingelosi zakhe zibe-yimimoya,
izikhonzi zakhe zibe-ngamalangabi omlilo.
8Kepha ngeNdodana uthi:
Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade;
intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
9Uthandile ukulunga,
wazonda ububi;
ngalokho-ke uNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho, ukugcobile
ngamafutha enjabulo
ngaphezu kwabafowenu,
10nokuthi:
Wena-Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba;
amazulu angumsebenzi wezandla zakho.
11Wona ayakubhubha, kepha wena umi njalo;
wona onke ayakuguga njengengubo.
12Njengesambatho uyakuwagoqonga,
njengengubo ayakuguquka.
Kepha wena unguye njalo,
iminyaka yakho ayiyikuphela.
13Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi:
Hlala ngakwesokunene sami,
ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho, na?
14Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?