UJakobe ubusisa uJosefa namadodana akhe
1Kwathi emva kwalezozinto kwathiwa kuJosefa: Bheka, uyihlo uyagula; wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase noEfrayimi.
2Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi: Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe. Wayeseziqinisa uIsrayeli, wahlala embhedeni.
3UJakobe wathi kuJosefa: UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,
4wathi kimi: Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho lelizwe emva kwakho libe-yifa elingunaphakade.
5Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; oEfrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba-ngabami.
6Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba-ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo.
7Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani-Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuseyibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.
8UIsrayeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: Ngobani laba na?
9UJosefa wathi kuye: Ngamadodana ami angiphé wona lapha uNkulunkulu. Wayesethi: Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.
10Kepha amehlo kaIsrayeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.
11Wayesethi uIsrayeli kuJosefa: Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonisé nenzalo yakho.
12UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheké phansi.
13UJosefa wayesebathatha bobabili, uEfrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sikaIsrayeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sikaIsrayeli, wabasondeza kuye.
14UIsrayeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda likaEfrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.
15Wambusisa uJosefa, wathi:
UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba oAbrahama noIsaka,
uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube-namuhla,
16ingelosi engisindisé ebubini bonke mayibusise abafana;
mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba oAbrahama noIsaka;
mabande, babe-baningi phakathi kwezwe.
17Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda likaEfrayimi, kwaba-kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda likaEfrayimi, asibeke ekhanda likaManase.
18Wayesethi uJosefa kuyise: Kungabi-njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.
19Kepha uyise wala, wathi: Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakubayisizwe, abe-mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba-mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe-yizizwe eziningi.
20Wayesebabusisa ngalolosuku ngokuthi:
Ngawe uIsrayeli uyakubusisa ethi:
UNkulunkulu makakwenze ubenjengoEfrayimi nanjengoManase.
Wayesembeka-ke uEfrayimi ngaphambi kukaManase.
21Wayesethi uIsrayeli kuJosefa: Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba-nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.
22Wena ngikuniké olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.