UJakobe uya eGibithe
1UIsrayeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri-Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise uIsaka.
2UNkulunkulu wakhuluma kuIsrayeli ngemibono yasebusuku, wathi: Jakobe, Jakobe! Wathi: Ngilapha.
3Wayesethi: NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu.
4Mina ngiyakwehla, ngiye nawe eGibithe; impela ngizakubuye ngikukhuphule futhi; uJosefa uyakubeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho.
5UJakobe wayesesuka eBeri-Sheba; amadodana kaIsrayeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala.
6Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuzé ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye.
7Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.
Inzalo kaJakobe
8Lawa angamagama abantwana bakwaIsrayeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe.
9Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.
10Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.
11Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
12Amadodana kaJuda: ngoEri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha oEri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule.
13Amadodana kaIsakare: ngoThola, noPhuva, noJobe, noShimroni.
14Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, noEloni, noJaleli.
15Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani-Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.
16Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, noEsiboni, noEri, noArodi, noAreli.
17Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, noIshiva, noIshivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.
18Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.
19Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini.
20KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase noEfrayimi, amzalela bona uAsenati indodakazi kaPotifera umpristi waseOni.
21Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, noAshibeli, noGera, noNahamani, noEhi, noRoshe, noMupimi, noHupimi, noArida.
22Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babeyishumi nane.
23Amadodana kaDani: nguHushimi.
24Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.
25Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babeyisikhombisa.
26Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babengamashumi ayisithupha nesithupha.
27Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babengamashumi ayisikhombisa.
UJakobe uhlangana noJosefa
28Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni.
29UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza uIsrayeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.
30UIsrayeli wayesethi kuJosefa: Sengingafa, lokhu ngiboné ubuso bakho ukuthi usekhona.
31UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefiké kimi.
32Lawamadoda angabelusi bezimvu, ngokuba ayengamadoda emfuyo; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.
33Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: Uyini umsebenzi wenu,
34anothi: Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kubemanje, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.