UJosefa uyavivinya abafowabo
1Wayala inceku yendlu yakhe, wathi: Gcwalisa amasaka alawamadoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala, ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.
2Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yamabele akhe. Yenza-ke njengezwi likaJosefa alishilo.
3Ngakusasa nxa sekusile, amadoda amukiswa, wona nezimbongolo zawo.
4Esephumile emzini, engakabi kude, uJosefa wathi encekwini yakhe: Suka ulandele lawomadoda; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi: Niphindiseleni okuhle ngokubi na?
5Lena akusiyo indebe inkosi yami ephuza ngayo, ebhula ngayo, na? Nenzé kabi ngokwenze njalo.
6Yawafica, yakhuluma kuwo lawamazwi.
7Ayesethi kuyo: Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akubekude nezinceku zakho ukwenze njalo.
8Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?
9Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye, makafe yena, thina sibe-yizigqila zenkosi yami.
10Yathi: Kalokhu makube-njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe-yisigqila sami, nina ningabi-nacala.
11Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba-yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo.
12Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini.
13Ayeseklebhula izingubo zawo, yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo, abuyela emzini.
14UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe.
15UJosefa wayesethi kubo: Isenzo sini lesi enisenzileyo na? Beningazi yini ukuthi umuntu onjengami angabhula nokubhula na?
16Wathi uJuda: Sizakuthini enkosini yami na? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zakho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.
17Wathi: Makube-kude kimi ukwenze njalo; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba-yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.
18UJuda wayesesondela kuye, ethi: O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, ungavuthi ulaka ngenceku yakho, ngokuba ungangoFaro wena.
19Inkosi yami yabuza izinceku zayo, yathi: Ninoyihlo, ninomfowenu, na?
20Sase sithi enkosini yami: Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.
21Wawusuthi ezincekwini: Mehliseni kimi ukuba ngimbone ngamehlo ami.
22Sathi enkosini: Umfana akanakumshiya uyise; uma emshiya, uyise uzakufa.
23Wathi wena ezincekwini zakho: Uma umfowenu omncane engehli nani, anisayikubuye nibone ubuso bami.
24Kwathi sesikhuphukele encekwini yakho ubaba, samlandisa amazwi enkosi.
25Wathi ubaba: Buyelani, nisithengele ukudlana.
26Sathi thina: Asinakwehla. Uma umfowethu omncane enathi, siyakwehla, ngokuba asinakubona ubuso balowomuntu, uma umfowethu omncane engenathi.
27Yayisithi kithi inceku yakho ubaba: Niyazi ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili.
28Enye yaphuma kimi; ngathi: Impela idatshuliwe nokudatshulwa; angiyiboni kuze kube-manje.
29Nanxa nithatha nalena, niyisuse kimi, yehlelwa yingozi, niyakwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.
30Kalokhu nxa ngifika encekwini yakho ubaba, umfana engenathi, lokhu inhliziyo yakhe ibambelele enhliziyweni yomfana,
31kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho, afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi.
32Ngokuba inceku yakho yaba-yisibambiso somfana kubaba, yathi: Uma ngingambuyiseli kuwe, ngiyakuba-necala kubaba kuze kube-phakade.
33Ngalokho inceku yakho ake ihlale esikhundleni somfana, ibe-yisigqila senkosi, umfana akhuphuke nabafowabo.
34Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba, umfana engenami, funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?