Umndeni kaEsawu
1Lezi ziyizizukulwane zikaEsawu onguEdomi.
2UEsawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: uAda indodakazi kaEloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,
3noBasemati indodakazi kaIshmayeli, udadewabo kaNebayoti.
4UAda wamzalela uEsawu uElifazi; uBasemati wazala uRehuweli;
5uOholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana kaEsawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.
6UEsawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuzé ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.
7Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.
8UEsawu wahlala entabeni yaseSeyiri; uEsawu unguEdomi.
9Lezi ziyizizukulwane zikaEsawu uyise wabakwaEdomi entabeni yaseSeyiri.
10Nanka amagama amadodana kaEsawu: nguElifazi indodana ka-Ada umkaEsawu, noRehuweli indodana kaBasemati umkaEsawu.
11Amadodana kaElifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.
12UThimna wayeyisancinza sikaElifazi indodana kaEsawu; wamzalela uElifazi uAmaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umkaEsawu.
13Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umkaEsawu.
14Lawa angamadodana kaOholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umkaEsawu: wamzalela uEsawu oJewushe, noJalamu, noKora.
15Laba bangabanumzane bamadodana kaElifazi izibulo likaEsawu: ngumnumzane uThemani, nomnumzane uOmari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi,
16nomnumzane uKora, nomnumzane uGathuma, nomnumzane uAmaleki; yilabo abangabanumzane abavela kuElifazi ezweni lakwaEdomi; yilawo angamadodana ka-Ada.
17Lawa angamadodana kaRehuweli indodana kaEsawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera, nomnumzane uShama, nomnumzane uMiza; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwaEdomi; yilawo angamadodana kaBasemati umkaEsawu.
18Lawa angamadodana kaOholibama umkaEsawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu, nomnumzane uKora; yilabo abangabanumzane abavela kuOholibama indodakazi ka-Ana umkaEsawu.
19Yilawo angamadodana kaEsawu; labo bangabanumzane bawo; yena unguEdomi.
Inzalo kaSeyiri
20Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayeyakhé kulelozwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, noAna,
21noDishoni, noEseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwaEdomi.
22Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.
23Lawa angamadodana kaShobali: ngoAlevani, noManahati, noEbali, noShefo, no-Onamu.
24Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngoAya, noAna; nguyena lowoAna owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise.
25Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana.
26Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, noEshibani, noJitrani, noKerani.
27Lawa angamadodana kaEseri: ngoBilihani, noZahawana, noAkani.
28Lawa angamadodana kaDishani: ngoUse noArana.
29Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane uAna,
30nomnumzane uDishoni, nomnumzane uEseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.
31Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwaEdomi, kungakabusi-nkosi kwabakwaIsrayeli.
32UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwaEdomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
33Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
34Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
35Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba-yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiAviti.
36Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
37Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
38Wafa uShawule; uBali-Hanani indodana ka-Akibori waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
39Wafa uBali-Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba-yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
40Lawa angamagama abanumzane abavela kuEsawu ngemindeni yabo, nangezindawo zabo, nangamagama abo: ngumnumzane uThimna, nomnumzane uAliva, nomnumzane uJeteti,
41nomnumzane uOholibama, nomnumzane uEla, nomnumzane uPhinoni,
42nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,
43nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane uIramu; yilabo abangabanumzane bakwaEdomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena uEsawu uyise wabakwaEdomi.