UJakobe uyazitholela ngenkohliso isibusiso sikayise
1Kwathi uIsaka esemdala namehlo akhe efiphele engasaboni, wabiza uEsawu indodana yakhe enkulu, wathi kuye: Ndodana yami! Wathi kuye: Ngilapha.
2Wayesethi: Bheka, sengimdala, angilwazi usuku lokufa kwami.
3Ngalokho awuthathe manje izikhali zakho, umgodla wakho nomnsalo wakho, uye endle, ungizingelele inyamazane,
4ungilungisele isilovela engisithandayo, usilethe kimi ukuba ngidle, umphefumulo wami ukubusise ngingakafi.
5URebeka wezwa uIsaka ekhuluma noEsawu indodana yakhe. UEsawu waya endle ukuyozingela inyamazane, abuye nayo.
6URebeka wakhuluma kuJakobe indodana yakhe, wathi: Bheka, ngizwé uyihlo ekhuluma noEsawu umnewenu, ethi:
7Ngilethele inyamazane, ungilungisele isilovela, ukuze ngidle, ngikubusise ebusweni bukaJehova ngingakafi.
8Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami kulokhu engikuyala ngakho.
9Yana emhlambini, ungithathele khona amazinyane amabili amahle ezimbuzi, ngilungisele uyihlo isilovela njengalokho akuthandayo,
10wena usiyise kuyihlo, aze adle, akubusise engakafi.
11UJakobe wathi kuRebeka unina: Bheka, umnewethu ungumuntu oyinundu, mina ngiluqwatha.
12Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe-ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi-yisibusiso.
13Unina wayesethi kuye: Isiqalekiso sakho, ndodana yami, masibe-phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.
14Wayesehamba-ke, wawathatha, wawayisa kunina; unina walungisa isilovela njengalokho akuthandayo uyise.
15URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zikaEsawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.
16Wamnqwambisa izikhumba zamazinyane ezimbuzi ezandleni zakhe nasocwatheni lwentamo.
17Wanikela esandleni sikaJakobe indodana yakhe isilovela nesinkwa akulungisileyo.
18Yena waya kuyise, wathi: Baba! Wathi yena: Ngilapha; ungubani wenandodana yami na?
19UJakobe wathi kuyise: NginguEsawu izibulo lakho; ngenzé njengalokho ungitshelile; mawuvuke, uhlale, udle ukuba umphefumulo wakho ungibusise.
20UIsaka wathi kuyo indodana yakhe: Kwenzeké kanjani ukuba usheshé kangaka ukuyithola, ndodana yami, na? Wathi: Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenzé ukuba ize phambi kwami.
21UIsaka wayesethi kuJakobe: Ake usondele, ngikuphathe, ndodana yami, uma uyindodana yami uEsawu uqobo noma ungesiyo na?
22UJakobe wasondela kuIsaka uyise; wamphatha, wathi: Izwi liyizwi likaJakobe, kepha izandla ziyizandla zikaEsawu.
23Akamazanga, ngokuba izandla zakhe zazinoboya njengezandla zomnewabo uEsawu; wayeseyakumbusisa.
24Kepha wayesethi: Uyindodana yami uEsawu uqobo na? Wathi: Nginguye.
25Wayesethi: Sondeza kimi, ngidle inyamazane yendodana yami ukuba umphefumulo wami ukubusise. Wayeseyisondeza kuye, wadla; wayisa kuye iwayini, waphuza.
26Uyise uIsaka wathi kuye: Ake usondele ungange, ndodana yami.
27Wasondela wamanga, wahogela iphunga lezingubo zakhe, wambusisa wathi:
Bheka, iphunga lendodana yami
linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.
28UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu,
namanoni omhlaba,
nenala yamabele neyewayini.
29Abantu mabakukhonze,
izizwe zikukhothamele;
yiba-yinkosi yabafowenu,
amadodana kanyoko akukhothamele;
makaqalekiswe okuqalekisayo,
abusiswe okubusisayo.
30Kwathi uIsaka eseqedé ukumbusisa uJakobe, uJakobe esand' ukuphuma ebusweni bukaIsaka uyise, wafika uEsawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe.
31Naye wenza isilovela, wasiyisa kuyise; wathi kuyise: Ubaba makavuke, adle inyamazane yendodana yakhe ukuba umphefumulo wakho ungibusise.
32UIsaka uyise wathi kuye: Ungubani wena na? Wathi: Ngiyindodana yakho, izibulo lakho, uEsawu.
33UIsaka wayesethuthumela nokuthuthumela kakhulu impela, wathi: Ngubani, pho, othathé inyamazane, wayiletha kimi, ngayidla yonke ungakafiki, ngambusisa, na? Yena uyakuba-ngobusisiweyo.
34UEsawu esezwa amazwi kayise wakhala nokukhala kamunyu impela, wathi kuyise: Ngibusise nami, baba!
35Wayesethi: Umfowenu ufiké ngenkohliso, wathatha isibusiso sakho.
36Wathi: Aliqanjwanga kahle igama lakhe ngokuthi uJakobe na? Ngokuba sekukabili engiqinela; wathatha ubuzibulo bami; bheka, manje usethathé isibusiso sami. Wathi: Mina, awungigodlelanga-sibusiso na?
37UIsaka waphendula, wathi kuEsawu: Bheka, ngimmisile abe-yinkosi yakho, nabafowabo bonke ngimniké bona babe-yizinceku zakhe; ngimphasile ngamabele nangewayini; ngingase ngikwenzeleni wena-ndodana yami na?
38Wayesethi uEsawu kuyise: Baba, sisinye nje isibusiso sakho na? Ngibusise nami, baba! UEsawu wadazuluka, wakhala.
39UIsaka uyise waphendula, wathi kuye:
Bheka, umuzi wakho uyakuba-kude namanoni omhlaba
namazolo ezulu avela phezulu.
40Uyakuphila ngenkemba yakho,
umkhonze umfowenu;
kuyakuthi lapho udlubulunda,
uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.
41UEsawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisé ngaso; uEsawu wathi enhliziyweni yakhe: Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.
42URebeka watshelwa amazwi kaEsawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: Bheka, umnewenu uEsawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.
43Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,
44uhlale kuye izinsukwana ezithile, kuze kubohle ukufutheka komfowenu,
45kusuke kuwe ukuthukuthela komnewenu, akhohlwe lokho okwenzé kuye, besengithuma ngikulande khona; ngizakwaphucwa ngani nina nobabili ngalusuku lunye na?
46URebeka wayesethi kuIsaka: Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi alelizwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?