Ukwahlukana kuka-Abrama noLoti
1UAbrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu.
2UAbrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.
3Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyondawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele neAyi,
4indawo yealtare abelenzile khona kuqala; uAbrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.
5Naye uLoti owahamba noAbrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.
6Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.
7Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.
8UAbrama wathi kuLoti: Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.
9Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawahlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.
10ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba-seSowari.
11ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.
12UAbrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.
13Kepha abantu baseSodoma babebabi bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.
14UJehova wathi kuAbrama, uLoti esehlukene naye: Phakamisa manje amehlo akho, ubuke usendaweni lapho umi khona ngasenyakatho naseningizimu nasempumalanga nasentshonalanga,
15ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube-phakade.
16Ngiyakwenza inzalo yakho ibe-njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.
17Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.
18Wayesesuka uAbrama, weza wakha ngasemaokini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova ialtare.