Ukubizwa kuka-Abrama
1UJehova wathi kuAbrama: Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
2Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe-likhulu, wena ube-yisibusiso.
3Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.
4Wayesesuka uAbrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; uAbrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.
5UAbrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.
Ukufika kuka-Abrama eKhanani
6UAbrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi naseokini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.
7UJehova wabonakala kuAbrama, wathi: Lelizwe ngiyakulinika inzalo yakho. Wamakhela khona ialtare uJehova owayebonakele kuye.
8Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga neAyi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova ialtare, wakhuleka egameni likaJehova.
9Ngasemuva uAbrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.
Ukuhamba kuka-Abrama ukuya eGibithe
10Kwakukhona indlala ezweni; uAbrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.
11Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.
12Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: Ngumkakhe lowo; bazakungibulala mina, bakulonde wena.
13Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube-kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.
14Kwathi uAbrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.
15Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.
16UAbrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba-nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.
17Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.
18UFaro wayesembiza uAbrama, wathi: Kuyini lokho okwenzé kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
19Usholoni ukuthi: Ungudadewethu, ngize ngimthathe abe-ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.
20UFaro wayala amadoda ngaye; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.