Ukudalwa
1Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.
2Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla-wenyuka phezu kwamanzi.
3UNkulunkulu wathi: Makube-khona ukukhanya; kwaba-khona ukukhanya.
4UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.
5UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa usuku lokuqala.
6UNkulunkulu wathi: Makube-khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlu-kaniswe amanzi namanzi.
7UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba-njalo.
8UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa usuku lwesibili.
9UNkulunkulu wathi: Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo; kwaba-njalo.
10Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
11UNkulunkulu wathi: Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni; kwaba-njalo.
12Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
13Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa usuku lwesithathu.
14UNkulunkulu wathi: Makube-khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe-yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,
15zibe-yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni; kwaba-njalo.
16UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi.
17UNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni,
18zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
19Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa usuku lwesine.
20UNkulunkulu wathi: Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.
21UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
22UNkulunkulu wazibusisa, wathi: Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni.
23Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa usuku lwesihlanu.
24UNkulunkulu wathi: Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo; kwaba-njalo.
25UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
26UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.
27UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
28UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
29UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube-ngukudla kwenu.
30Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginiké yonke imifino eluhlaza ibe-ngukudla; kwaba-njalo.
31UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa usuku lwesithupha.