Ababuyayo
1Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba-yilowo nalowo emzini wakubo,
2bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana.
Umumo wamadoda abantu bakwaIsrayeli nanku:
3abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
4abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
5abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;
6abantwana bakwaPhahati-Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;
7abantwana bakwaElamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
8abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;
9abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
10abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
11abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
12abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
13abantwana bakwa-Adonikamu: ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
14abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
15abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
16abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
17abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
18abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;
19abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
20abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;
21abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;
22amadoda aseNethofa: ngamashumi ayisihlanu nesithupha;
23amadoda aseAnathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
24abantwana baseAzimaveti: ngamashumi amane nambili;
25abantwana baseKiriyati-Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
26abantwana baseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
27amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
28amadoda aseBethele naseAyi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
29abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
30abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;
31abantwana bakwaElamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
32abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
33abantwana baseLodi naseHadidi naseOno: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;
34abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
35abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
36Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
37abantwana bakwaImeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
38abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
39abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
40AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;
41abahlabeleli: abantwana bakwa-Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
42abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi, bonke beyikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.
43AmaNethini*: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
44nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiyaha, nabantwana bakwaPhadoni,
45nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwa-Akubi,
46nabantwana bakwaHagabi, nabantwana bakwaShamulayi, nabantwana bakwaHanani,
47nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, nabantwana bakwaRewaya,
48nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda, nabantwana bakwaGazamu,
49nabantwana bakwaUza, nabantwana bakwaPhaseya, nabantwana bakwaBesayi,
50nabantwana bakwa-Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,
51nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
52nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
53nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
54nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
55Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,
56nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
57nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti-Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
58Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babengamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
59Nampa abakhuphuka eTheli-Mela, naseTheli-Harisha, naseKherubi, naseAdani, naseImeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwaIsrayeli yini:
60ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.
61Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
62Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.
63Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi oneUrimi neThumimi*.
64Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
65ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babenabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
66Amahashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
67amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
68Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;
69zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane* ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
70Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini* emizini yabo, bonke abakwaIsrayeli emizini yabo.