Ukubuyiswa kukaIsrayeli
1Wena-ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwaIsrayeli, uthi: Nina-zintaba zakwaIsrayeli, zwanini izwi likaJehova.
2Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe, sithi: Ashila, nokuthi: Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,
3ngalokho profetha, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe-yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu,
4ngalokho, zintaba zakwaIsrayeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,
5yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke uEdomi, ababeké izwe lami libe-yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe-yimpango;
6ngalokho profetha ngezwe lakwaIsrayeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulumé ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.
7Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.
8Kepha nina-zintaba zakwaIsrayeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya.
9Ngokuba bhekani, nginani; ngiyakuphendukela kini, niyakulinywa, nihlwanyelwe.
10Ngiyakwandisa abantu phezu kwenu, yonke indlu yakwaIsrayeli, yonke yayo; imizi iyakuhlalwa, nezindawo ezichithekileyo ziyakwakhiwa.
11Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube-kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova.
12Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu, abantu bami uIsrayeli; bayakukuzuza, ube-yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.
13Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba bathi kuwe: Wena ungodlayo abantu, waphucile abantwana besizwe sakini,
14ngalokho awusayikudla abantu, ungasaphuci abantwana besizwe sakini, isho iNkosi uJehova.
15Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.
16Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
17Ndodana yomuntu, indlu yakwaIsrayeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe.
18Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithé ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.
19Ngabahlakazela phakathi kwezizwe, basabalaliselwa emazweni; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo.
20Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona, balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.
21Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwaIsrayeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona.
22Ngalokho yisho kuyo indlu yakwaIsrayeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina-ndlu yakwaIsrayeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona.
23Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.
24Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.
25Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.
26Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.
27Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.
28Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo, nibe-ngabantu bami, mina ngibenguNkulunkulu wenu.
29Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu.
30Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.
31Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.
32Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe-namahloni ngenxa yezindlela zenu nina-ndlu yakwaIsrayeli.
33Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo.
34Izwe elaliyize liyakulinywa esikhundleni sokuba-yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo.
35Bayakuthi: Lelizwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.
36Seziyakwazi izizwe ezisele nxazonke zenu ukuthi mina-Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo, ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina-Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza.
37Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwaIsrayeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu.
38Njengomhlambi ongcwelisiweyo, njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo, kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.