Isiprofetho ngentaba yaseSeyiri
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni yaseSeyiri, uprofethe ngayo,
3uthi kuyo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe-ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami, ngikwenze incithakalo nokuyize.
4Ngiyakwenza imizi yakho ibe-yihlane, wena ube-yincithakalo, wazi ukuthi nginguJehova.
5Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwaIsrayeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi,
6ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ube-yigazi, igazi likuxoshe; ngokuba ungazondanga igazi, igazi liyakukulandela.
7Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibeyincithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo.
8Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwé ngenkemba bawa emagqumeni akho, nasezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho.
9Ngiyakukwenza incithakalo ephakade, imizi yakho ingabe isahlalwa, nazi ukuthi nginguJehova.
10Ngokuba wathi: Lezizizwe ezimbili nalawamazwe amabili kuyakuba-ngokwami, sidle ifa lakho, noma uJehova ebelapho,
11ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela.
12Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulumé ngezintaba zakwaIsrayeli ngokuthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.
13Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile.
14Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho uthokoza umhlaba wonke, ngiyakukwenza incithakalo.
15Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwaIsrayeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba-yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke uEdomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.