Odade ababili
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Ndodana yomuntu, kwakukhona abesifazane ababili, amadodakazi omfazi munye.
3Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo.
4Amagama abo ayenguOhola, omkhulu, no-Oholiba udadewabo; baba-ngabami, bazala amadodana namadodakazi. Amagama abo: iSamariya linguOhola, neJerusalema linguOholiba.
5UOhola wafeba esengowami, wakhanukela izithandwa zakhe, abaseAsiriya, abakhelwane bakhe,
6ababembethe okuluhlaza, izinduna nababusi, izinsizwa ezinxanelekayo zonke, izinkweli ezikhwele amahashi.
7Wabanika ubufebe bakhe, bengamadoda akhethekileyo aseAsiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo.
8Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.
9Ngalokho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, isandla sabaseAsiriya abakhanukelayo.
10Bona bambula ubunqunu bakhe, bathatha amadodana akhe namadodakazi akhe; yena bambulala ngenkemba, waba-yisaga phakathi kwabesifazane, lapho kwenziwa ukwahlulelwa kuye.
11Udadewabo uOholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo.
12Wakhanukela abaseAsiriya, izinduna nababusi, abakhelwane, ababembethe kahle kakhulu, beyizinkweli ezikhwele amahashi, zonke ziyizinsizwa ezinxanelekayo.
13Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.
14Wengezela ebufebeni bakhe, ngokuba wabona amadoda ayedwetshwé odongeni, imifanekiso yamaKaledi eyayilotshwé ngebomvu,
15ebhincé amabhande* okhalweni lwawo, enemishuqulo ebanzi emakhanda, onke ebonakele njengezikhulu ngokwesimo sabaseBabele ababezelwe ezweni laseKalideya.
16Ekubaboneni kwamehlo akhe wabakhanukela, wathuma kubo izithunywa eKalideya.
17Amadodana aseBabele afika kuye embhedeni wothando, amngcolisa ngobufebe bawo; esengcolisiwe yiwo umphefumulo wakhe wahlukana nawo.
18Wambula ubufebe bakhe, wambula ubunqunu bakhe. Wawusahlukana naye umphefumulo wami, njengalokho umphefumulo wami wahlukana nodadewabo.
19Kepha wandisa ubufebe bakhe, ekhumbula izinsuku zobusha bakhe afebé ngazo ezweni laseGibithe.
20Wakhanukela amashende akhona, anyama yawo injengenyama yezimbongolo, namaphambili awo anjengawamahashi.
21Walangazelela ukukhanuka kobusha bakho ekucindezelweni kwezingono zakho ngabaseGibithe ngenxa yobusha bamabele akho.
22Ngalokho-ke, Oholiba, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukuvusela izithandwa zakho, umphefumulo wakho osahlukene nazo, ngiziyise kuwe nxazonke,
23abaseBabele, nawo onke amaKaledi, iPhekodi, neShowa, neKhowa, nabo bonke abaseAsiriya kanye nabo, izinsizwa ezinxanelekayo, izinduna, nababusi, nabakhulu, nezikhulu, nabadumileyo, bonke bekhwele amahashi.
24Bayakufika kuwe benezikhali, nezinqola, nokunamasondo, nesixuku sabantu, bazihlelele wena benamahawu, nezihlangu, nezigqoko nxazonke, nginikele kubo ukwahlulela, bakwahlulele njengezahlulelo zabo.
25Ngiyakubeka kuwe umhawu wami, bakuphathe ngokufutheka, basuse ikhala lakho nezindlebe zakho, abaseleyo bakho bawe ngenkemba; bayakuthatha amadodana akho namadodakazi akho, abaseleyo bakho badliwe ngumlilo.
26Bayakukuhlubula izingubo zakho, basuse izivunulo zakho ezinhle.
27Ngiyakuqeda kuwe ukukhanuka kwakho nobufebe bakho basezweni laseGibithe, ungabe usaphakamisa amehlo akho kubo, ungabe usalikhumbula iGibithe.
28Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakukunikela esandleni sabo obazondayo, esandleni sabo umphefumulo wakho owahlukene nabo,
29bakuphathe ngenzondo, basuse yonke inzuzo yakho, bakushiye uze, unqunu, kwambulwe ubunqunu bobufebe bakho, kanye nokungcola kwakho nobufebe bakho.
30Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba, wangcoliswa ngezithombe zabo.
31Uhambile ngendlela kadadewenu; ngalokho ngiyakunikela indebe yakhe esandleni sakho.
32Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Uyakuphuza indebe kadadewenu
ejulileyo, ebanzi,
ube-yinhlekiso nosulu;
ifumbethe okuningi.
33Uyakugcwaliswa ngokudakwa nosizi:
ngendebe yesimangaliso neyencithakalo,
indebe kadadewenu iSamariya.
34Uyakuyiphuza, uyikhame,
ugedle izindengezi zayo,
uklebhule amabele akho,
ngokuba mina ngikukhulumile,
isho iNkosi uJehova.
35Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ungikhohliwe, wangilahla nyovane, uyakuthwala ukungcola kwakho nobufebe bakho.
36Wayesethi uJehova kimi: Ndodana yomuntu, uyakwahlulela o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke izinengiso zabo.
37Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulisé emlilweni amadodana abo abangizalela wona, abe-ngukudla kwazo.
38Futhi benza lokhu kimi: ngalona lolosuku abangcolisa ngalo indlu yami engcwele bawona namasabatha ami.
39Ekubulaleleni kwabo izithombe zabo amadodana abo bangena, ngalona lolosuku, endlini yami engcwele ukuyingcolisa. Bheka, benza kanjalo phakathi kwendlu yami.
40Futhi nithumele amadoda avela kude, okwathunywa kuwo isithunywa; bheka, afika; wazihlanzela wona, wawagqabela amehlo akho, wazivunulisa ngezivunulo,
41wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.
42Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo.
43Ngase ngithi ngaye ophelile ekufebeni: Impela bayakufeba naye, yebo, naye, na?
44Bangena kuye njengalokhu kungenwa esifebeni; bangena kanjalo ko-Ohola no-Oholiba, abesifazane abakhanukayo.
45Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.
46Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubenyusela isixuku, ngibanikele ukuba babe-yingebhe nempango.
47Isixuku siyakubakhanda ngamatshe sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sishise izindlu zabo ngomlilo.
48Ngiyakuqeda ukukhanuka ezweni, baxwayiswe bonke abesifazane ukuba bangenzi njengokukhanuka kwenu.
49Bayakwehlisela ukukhanuka kwenu phezu kwenu, nithwale izono zezithombe zenu, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.