Ukulunga kukaNkulunkulu okuphindiselayo
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesisaga ezweni lakwaIsrayeli sokuthi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba-bushelezi, na?
3Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, akusayikubakho ukulinganisa ngalesisaga kwaIsrayeli.
4Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami, umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.
5Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,
6engadli ezintabeni, engaphakamisi amehlo akhe ezithombeni zendlu yakwaIsrayeli, engangcolisi umkamakhelwane wakhe, engasondeli kowesifazane ekungcoleni kwakhe;
7engacindezeli-muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;
8enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;
9ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.
10Uma ezala indodana engumphangi nomchithi wegazi, ikwenza okunye kwalokho,
11yena engakwenzanga kodwa, idla ezintabeni, ingcolisa umkamakhelwane wayo,
12icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;
13inika ngenzalo, yamukela inzuzo, iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila; yenzile zonke lezizinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe-phezu kwayo.
14Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo, ibone ingenzi njengazo,
15ingadli ezintabeni, ingaphakamisi amehlo ayo ezithombeni zendlu yakwaIsrayeli, ingangcolisi umkamakhelwane wayo;
16ingacindezeli-muntu, ingamukeli isibambiso, ingaphangi nokuphanga, kepha inika abampofu isinkwa sayo, yembathisa abanqunu izingubo;
17ibuyisa isandla sayo kwabampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami, yona ayiyikufa ngokona kukayise, iyakuphila nokuphila.
18Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakhe, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.
19Kepha nithi: Indodana ayithwali ngani ukona kukayise na? Indodana isikwenzile ukwahlulela nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, iyakuphila nokuphila.
20Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba-phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba-phezu kwakhe.
21Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.
22Iziphambeko zakhe, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulelwa kuye, aphile ngokulunga akwenzileyo.
23Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?
24Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqé ngazo nasezonweni oné ngazo.
25Kodwa nithi: Indlela yeNkosi ayilingani. Yizwani nina-ndlu yakwaIsrayeli: Indlela yami ayilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
26Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho, afe ngenxa yokubi akwenzileyo.
27Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abenzileyo, enze ukwahlulela nokulunga, uyakusindisa umphefumulo wakhe.
28Ngokuba ebona, abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo, uyakuphila nokuphila, angafi.
29Kepha indlu yakwaIsrayeli ithi: Indlela yeNkosi ayilingani. Wena-ndlu yakwaIsrayeli, izindlela zami azilingani na? Angithi yizindlela zenu ezingalingani na?
30Ngalokho ngiyakunahlulela ninandlu yakwaIsrayeli, kube-yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi-yisikhubekiso senu.
31Lahlani kini zonke izeqo zenu eneqé ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha, ngokuba uyakufelani wena-ndlu yakwaIsrayeli na?
32Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.