Isijeziso sabakhonza izithombe
1Kwafika kimi amadoda amalunga akwaIsrayeli, ahlala phambi kwami.
2Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
3Ndodana yomuntu, lawamadoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na?
4Oha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowomuntu wakwaIsrayeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina-Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe,
5ukuze ngibambe indlu yakwaIsrayeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.
6Ngalokho yisho kuyo indlu yakwaIsrayeli, uthi: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu.
7Ngokuba yilowo nalowomuntu wendlu kaIsrayeli nomfokazi ogogobele kwaIsrayeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina-Jehova ngiyakumphendula ngokwami,
8ngibhekise ubuso bami bumelane nalowomuntu, ngimbeke abe-yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.
9Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi, mina-Jehova ngimyengile lowomprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe, ngimchithe phakathi kwabantu bami uIsrayeli.
10Bayakuthwala ukona kwabo, ukona kobuzayo kube-njengokona komprofethi,
11ukuze indlu yakwaIsrayeli ingabe isaduka kimi, ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke, kepha ibe-ngabantu bami, mina ngibe-nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.
12Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
13Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,
14noma ebekhona phakathi kwalo lawamadoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.
15Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe-yincithakalo, ukuze kungadluli-muntu ngenxa yezilwane,
16noma ebekhona lawomadoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa, izwe libe-yincithakalo.
17Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelozwe, ngithi: Inkemba mayidabule ezweni, ukuze nginqume kulo abantu nezilwane,
18noma ebekhona lawomadoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa.
19Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelozwe, ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane,
20noma bebekhona oNowa, noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo.
21Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?
22Kepha bheka, kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa, amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo, niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo.
23Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo, nazi ukuthi angenzanga ngaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo, isho iNkosi uJehova.